UBUYE ngegiya eliphezulu uDladla Mshunqisi obethula ingoma yesibili iGoliath, eRich Cafe, KwaMashu ngoLwesihlanu.
UDladla Mshunqisi umeme abezindaba namanye amaciko ukuthi bazolalela ingoma yakhe entsha. Phakathi kwamaciko abekhona kubalwa, uDJ Tira, DJ Happygal, Beast, Slenda Da Dancing DJ, Khaya Dladla, DJ Cndo, Thatharingo Khathi, Amadada, abadansi bakhe uDladla Mshunqisi nabanye.
Imenenja yamaciko yase-Afrotainment uSamkelo Mpisane, uthe bajabule ukuthi lo mcimbi ube yimpumelelo.
Ngaphandle kokuthi abantu bajatshuliswe wuDladla Mshunqisi, baphinde bachazwa nguSlenda Da Dancing DJ, obeqhulula izingoma.
“Umcimbi uhambe kahle kakhulu, futhi neculo lijatshulelwe kakhulu. IGoliath yiculo lesibili kulo nyaka elikhishwe wuDladla Mshunqisi. Useke wakhipha iSamba Nabo, nayo eyenze kahle.
“Okusijabulisile ngeGoliath ukuthi abantu bakhombise ukuyithakasela kakhulu njengoba isiku-Top 20 kusukela ifakwe kuma-iTunes ngoLwesihlanu.
Nendlela abantu abaphawula ngayo ngeculo iyasijabulisa ngoba kuyabonakala ukuthi balithandile,” kusho uSamkelo.
KwiGoliath, uDladla Mshunqisi upike uDJ Tira, Busiswa noDlala Thukzin.
KwiSamba Nabo upike uJ Something weMicasa noBeast.
USamkelo uthe njengoba uDladla Mshunqisi ekhiphe lezingoma nonyaka usezinhlelweni zokukhipha i-albhamu ngonyaka ozayo.
Uveze nokuthi abakabi nalo usuku azokhipha ngalo kodwa uyakuqinisekisa ukuthi iyeza i-albhamu yalo mculi.