ZITHUSE abaningi izindaba ezimbi ezidalulwe wumndeni womculi okuvele ukuthi usazohlaba ikhefu emculweni ngenxayokuhlaselwa wukugula ephesheya kwezilwandle. Kulalwe izolo umndeni kaLira usushicilele isitatimende emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana, okubalwa neleFacebook, lapho udalule khona ukuthi uhlaselwe yisifo sohlangothi eseGermany, okuzothatha isikhathi ukuthi abuyele esiteji.
Isitatimende siveza ukuthi uLira ubeyonandisa eGermany ngesikhathi ehlaselwa wukugula okumshiye esesimweni esinzima esimise nomsebenzi wakhe. Okunye okushaqisayo wukuthi lokhu kugula kube nomthelela ekutheni angabe esakwazi nokukhuluma kahle, okuzokwenza kube nzima nokucula.
"Ulashwa wongoti baseNingizimu Afrika (emva kokubuyela ekhaya) abakhiphe umyalelo wokuthi kudingeka isineke nesikhathi esanele ukwelulama. Ngakho ngeke akwazi ukunandisa okwamanje kodwa usezandleni ezifudumele zomndeni nabangani," kubeka isitatimende.
Abantu abaningi bazwakalisa ukuzwelana nomndeni kaLira naye uqobo. Imiyalezo yenduduzo nemkhuleko ebhekiswe kubo seyiqalile ukungena iqhamuka kubantu abasemazweni ahlukene. Osaziwayo nabo bathintekile ngokwehlele uzakwabo abamfisela ukwelulama.
Umndeni kaLira ubonga nemkhuleko kubantu njengoba kungakaziwa ukuthi angaze aphinde abonakale nini esiteji. Imiyalezo yothando ebhekiswe kulo mculi isalokhu ingene njalo ezinkundleni zokuxhumana.