INTOKAZI eyazakhela igama icula eqenjini lo mculo wokholo iJoyous Celebration, uBrenda Mntambo, isinxuse ukuthi kukhulekelwe izifo zengqondo njengoba ziyingqinamba kwabaningi.
UBrenda ukusho lokhu ngemuva kokukhipha ingoma yakhe ethi Khululeka, ephume ngoLwesihlanu.
Le ngoma uthi ikhuluma ngezifo ezihlukene ezithinta ingqondo, okumele zisukunyelwe.
“Ngijabule kakhulu ngokuthi le ngoma igcine iphumile. Ngiyethemba ukuthi izokwazi ukusukumisa abantu abaningi bakwazi ukusukumela lezi zifo abanye abangazinaki. Le ngoma umuntu ngamunye ozoyilalela uzozwa sengathi ikhuluma naye futhi ngisebenze kanzima ukuyihlanganisa, ngiyethemba izokwenza kahle,” kusho uBrenda.
Uveze ukuthi umema bonke abalandeli bakhe emhlabeni ukuthi bazothola inkululeko, ithemba, injabulo nokholo kule ngoma.
“Le ngoma iyawulapha umphefumulo futhi ibuyisa ithemba kulezi zikhathi ezinzima kangaka esiphila kuzona. Wonke umuntu ubhekene nesikhathi esinzima ngakho isihloko sayo sikhuluma ngokuthi kumele sikhululeke njengoba nami ngike ngaba nenkinga yokwesaba ngendlela exakayo futhi ngafuna usizo njengoba sengila manje ngizama ukusiza abanye,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi akhuluma ngakho kule ngoma yikhona obekwenzeka kuye, nokuthi usizakale kanjani futhi uthemba ukuthi kuzosiza abantu ababhekene nalezi zifo.
Le ngoma uthe ubhalelwe umbhali wezingoma wakuleli kodwa osezinze e-United States of America (USA), uMduduzi Madela, yase iphrojuswa uDavid Mutunda.
Uthe i-albhamu yakhe ethi SANE izophuma ngo-Agasti.