UZIZWA ebusisekile umzwilili wakuleli ngokuba yingxenye yohlelo lokugqugquzela ukuzethemba nokuzimela kwabesifazane.
UZolani Mahola, owagqama ngesikhathi ecula phambili eqenjini iFreshlyground, ukhiphe ingoma entsha acula yedwa kuyona ethi, Remember Who You Are.
Echaza ngengoma, uthe inhloso yayo ukukhumbuza abesifazane bakuleli ngokubaluleka kokuzazi nokubungaza ubuwena.
“Emuva kobunzima esibhekane nabo kulo nyaka le ngoma izoqinisa idolo abantu abaningi abalahlekelwe yimisebenzi nokuphoqeleke ukuthi bazihlolisise kabusha ukuthi ngempela bangobani,” kusho uZolani.Echaza ngengoma, uthe uhlose ukukhumbuza abesifazane bakuleli ngokubaluleka kokuzazi nokubungaza ubuwena, nokuyikho okuchazwa isihloko sayo
Uthe ngesikhathi eyibhala wayegqugquzelwa umkhankaso we #GiveHerACrown nowethulwe ngoLwesibili.
Lo mkhankaso unika ithuba amaciko abesifazane ukuthi abonakalise imisebenzi yawo njengengxenye yokweseka umkankaso kazwelonke wezinsuku ezingu-16 wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
“Sekukhulunywe kaningi nge-GBV osekusele ukuthi siqale senze izinto ezizosiyisa phambili njengokukhuthaza ukulingana ngokobulili kuzona zonke izinhlaka zezwe,” usho kanje.
Uveze ukuthi umkhankaso we #GiveHerACrown ubalulekile kuyena futhi kuzoba nendali -auction lapho kuzodayiswa imiqhele engu-16 eyenziwe ngamaciko angu-16, kuthi imali eqoqwe lapho inikelelwe izikhungo ezilwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
“Ziningi ezinye izinhlelo engiyingxenye yazo ikakhulukazi ezithinta izingane nemvelo,” kubeka yena.
Kulo nyaka uZolani uqophe ngokuhlanganyela nabaculi abahlukene ezingomeni ezimbalwa okubalwa, uYo Yo Ma ongumculi waseMelika noseke wahlomula ngenqwaba yamaGrammy Awards, kanti uhlanganise ingoma nentandokazi yakuleli uSunEl Musician.
Kulindeleke ukuthi akhiphe i-EP ekuqaleni konyaka ozayo. Ingoma ne-video yakhona kuqale ngoLwesihlanu ukutholakala ezinkundleni ezidayisa umculo nge-internet.