NAMHLANJE ngelamanqamu kumculi waphesheya uR.Kelly njengoba kulindeleke ukuthi agwetshwe namuhla.
NgoSepthemba odlule, ijaji lenkantolo yombuso eBrooklyn e-USA lathola lesi sihlabani esesiwile sinecala kuwo wonke amacala ayisishiyagalolunye esasibhekene nawo, okubalwa kuwo awokuqasha nokulala namantombazane asemancane nelokugebenga.
Abashushisi bathi bafuna agwetshwe, okungenani iminyaka engu-25 ngoba usabonakala engomuntu oseyingozi emphakathini.
"Izenzo zakhe zazibudedengu, zikhohlisa, zilawula futhi ziphoqa. Akakhombisanga ukuzisola noma ukuhlonipha umthetho," kubhala abashushisi encwadini yabo yesigwebo.
"Isigwebo eside ejele sizovimbela abanye, okuhlanganisa nalabo abacebile, abadumile nabazibona benamandla ngaphezu kwabanye emacaleni afanayo," bengeza.
Ithimba labameli elimele uKelly, oneminyaka engu-55 ubudala, okumanje uboshelwe eBrooklyn njengoba elindele isigwebo sakhe, linxuse ukuthi anikwe isigwebo esilula esihlanganisa iminyaka engu-17.