UKUZWAKALA kwenye yezingoma ezisecwecweni elisha likaBlack Coffee, kumenza azizwe ebusisekile umculi odabuka eThekwini, osesebenze nabaculi abaningi bakuleli abanohlonze.
UTellaman (29), ogama lakhe langempela nguThelumusa Owen, uthi kumhlaba umxhwele ukuthi sigcine sifezekile isifiso sabo sokusebenzisana.
“Siqale ngo-2008 ukuxoxa ngokusebenza ndawonye noBlack Coffee kodwa iphupho lethu selize lafezeka emuva kwesikhathi,” usho kanje.
UTellaman ucula engomeni ethi Flava ekwi-albhamu entsha kaBlack Coffee, iSubconsciously. Uveze ukuthi sonke lesi sikhathi bebengayitholi ingoma ebibagculisa bobabili, okugcine ngokuthi amthumele izinsimbi azithandile ekuqaleni konyaka odlule.
Eqhuba uthe umatasa e-studio nokuqopha izingoma ezizozwakala kwi-albhamu yakhe yesibili, abheke ukuyikhipha kulo nyaka.
“Ihlukile yona kunale yokuqala. Kule, ngikhuluma ngezimo zempilo engidlule kuzona kanjalo nezabantu engisondelene nabo,” kusho uTellaman.
Ephawula ngesimo seCovid-9, uthe yonke into inobuhle nobubi bayo. “Nakusona lesi simo kubi ukuthi kukhona abangazange besakwazi ukuqhubeka nezinhlelo zabo eziningi, njengokwakha imizi nokunye ngenxa yokushoda kwemali kodwa ngicabanga ukuthi kukhona nokuhle okuphume kusona,” kusho yena.
Uthe okuhle kube wukuthi umuntu ngamunye uthole ithuba lokuzihlolisisa ukuthi empeleni yikuphi okumele azithuthukise kukona noma akwenze kangcono njengenqubekela phambili.
Lo mculi useke wasebenzisana ezingomeni nabaculi uNasty C, Shekhinah, DJ Speedsta, Aewon Wolf, Gemini Major noShane Eagle.