UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala, uhalalisele umculi kamaskandi uKhuzani Mpungose nge-albhamu yakhe entsha ethi Ispoki Esingafi, ephume ngenyanga edlule.
Laba bebehlangene nakuleli sonto, lapho uZikalala ebebize khona uKhuzani ezomhalalisela ngokukhipha umsebenzi omusha.
UZikalala uncome uKhuzani ngokuqhubeka eqhakambisa umculo wesintu.
Ekhuluma ngale albhamu, uthe okumjabulisa kakhulu umyalezo osengomeni ethi Ijele, olwa nokuhlukunyezwa kwabantu abasemishadweni abangajabule kuyo.
“Siyakubongela Khuzani ngomsebenzi owenzile kule albhamu, sithi halala qhubeka nokwenza kahle. Umsebenzi oqhubeka uwenza ngokuqhakambisa umculo wesintu muhle kakhulu. Impela siyavumelana nomyalezo osengomeni ethi Ijele, impela umshado awulona ijele,“ kuphetha uZikalala.
UKhuzani uthe kumjabulisile ukuhlangana noNdunankulu ezomhalalisela ngale albhamu.
“Siyabonga kakhulu kuNdunankulu ngokusincoma uma senze kahle singabaculi, lokhu kusho lukhulu kithina. Siyabonga kakhulu nakubalandeli bami nakubantu bakuleli abalokhu beqhubeke njalo nokuthenga le albhamu abanye bayijabulele ngokuyithenga ezitolo ezidayisa umculo ku-internet kuleli kusho lukhulu kimi njengoba kuvela ukuthi ikwezenza kahle kakhulu,“ kuchaza uKhuzani.
Uveze ukuthi okunye abakujabulele engomeni ethi Ijele ukuthi idlulisa umyalezo wokuthi abantu bangahlukumezani emishadweni abakuyona njengoba ingelona ngempela ijele.
Ingoma ethi Ijele ikwezihamba phambili kwezibhekwe ukuthi zihlukanise unyaka.