UMCULI uZawadi Yamungu useqede konke nge-albhamu yakhe esihloko sithi Ngimuhle
Image: SITHUNYELWE
NAKUBA angenisa emculweni ngezingoma ezishaya ngesigqi nomuzwa okuqhakambisa indlela okwakucikozwa ngayo kudala, kepha kuthe ngokuqhubeka kwesikhathi wagcina eqonda futhi ebona ukuthi abalandeli bobuciko bakhe bamthandela izinto ezahlukene.
Yilezo zinto ezenze umculi ogqame emculweni ngezingoma ezinesigqi zase-Afrika nezibeka eqhulwini indlela okwakucikozwa ngayo endulo, uZawadi Yamungu waqikelela ukuhlanganisa izingoma eziwu-10 aqinisekisa ngazo ukuthi wonke umuntu ozozilalela, ngokwehlukana kwezizukulwane, uzoba nento ayicoshayo nayithandayo, futhi ezohambisana nobuyena.
Usho kanje uZawadi Yamungu (33) wakwaChappise, eMandeni, enyakatho yaKwaZulu-Natal, kodwa osezinze eThekwini ngomsebenzi wobuciko awenzayo, exoxa neSolezwe nge-albhamu yakhe ebhekwe ngabomvu, esihloko sithi Ngimuhle, ezophuma ngoJuni 13.
"Lona wumsebenzi engizame ngakho konke okusemandleni ami ukuqinisekisa ukuthi ngisebenzisa ubuciko bami ukuxoxa izindaba ezizojabulisa abantu bezizukulwane ezahlukene, njengoba ubona nesihloko sayo siyingoma ethi Ngimuhle - ethandwa kakhulu ngabantu abasha ikakhulu abesifazane. Zikhona nezinye ezizovusa usinga ebantwini abakhonze indlela okwakucikozwa ngayo kudala, kubalwa nengiyithanda kakhulu ethi Ngithethelele, eyabhalwa yiNdlovukazi uPrincess Magogo," kusho uZawadi Yamungu.
Uthe kule albhamu uqoke nokuthi angapiki amaciko amaningi, njengoba epike umngani wakhe omkhulu kuphela, imbongi nombhali wezincwadi uSindiswa Zulu, asebenze naye engomeni yokuqala yokwendlalela i-albhamu, phecelezi i-introduction.
UMCULI uZawadi Yamungu useqede konke nge-albhamu yakhe esihloko sithi Ngimuhle
Image: SITHUNYELWE
Kophrojusa usebenze noSibonelo Nxumalo, Sanele Ngubane, Jacques wenkampani aqophe kuyona eseGoli iHigh Seas Studios noRogan Kelsey wase-United Kingdom, okunguyena ohlanganise wonke umsebenzi usuqoshiwe, phecelezi i-mastering.
"Lokhu ngikwenze ngamabomu ngoba ngiqonda ukuthi uma usafika futhi usuqala ukuchuma kanjena ebantwini kumele uqinisekise ukuthi uzigqamisa wena ngokuphelele, nokuthi izingoma engizididiyele kulo msebenzi bezingadingi amaciko amaningi, kepha ziqondene nami ngqo futhi zidinga mina ukuxoxa umyalezo engiwuqukethe kuzona," usho kanje.
Uthe emva kweNgimuhle, ephume ngaphansi kwesitebele somculo iHealing Vibrations kaBuhle Mabanga, uzoqhubeka akhiphe umculo omningi ukuqhubeka ajabulise abalandeli bakhe, njengoba evele eqhubeka eqopha umculo namaciko emikhakha ehlukene.
"Kumanje kunengoma engikuyona kaDe Mthuda ethi Gijima, futhi akhona namanye amaciko esengiqophile nawo okukhona kuwona noKabza De Small neqembu le-acapella i-The Soil, okumanje siyasebenza nalo e-studio," kusho uZawadi Yamungu.
Related Topics: