UBONGE uMdali ngokumgcinela abazali bakhe baze babone impumelelo yakhe emculweni, umrepha uZakwe, obethula ngokomthetho iGold Disc yokudayiswa kwe-albhamu yakhe iCebisa.
Umcimbi wokwethula le mpumelelo kaZakwe ubuhlelwe yiMabala Noise, eViews @Twenty Five, eThekwini, ngoLwesihlanu.
“Ngiyambonga uNkulunkulu ukuthi kufika leli thuba abazali bami basaphila bobabili. Iningi lethu livamise ukuzwakala lithi ukube abazali balo basaphila ngabe bayajabula manje, uma sekwenzeka izinto ezinhle empilweni yabo. Mina ngisenenhlanhla ngoba abazali bami basaphila basakwazi nokuzibonela impumelelo yami emculweni.
“Ngibonga nemisakazo namaphephandaba, ozakwethu, abangani nabaphathi benkampani yami ngokungeseka ukuze ngifinyelele kuleli zinga esengikulona,” kusho uZakwe.
Kulo mcimbi ubekhona unina kaZakwe, uNkk Lungile Zakwe, uzwakale ekikiza ngesikhathi lo mrepha esecula ingoma entsha ethi Ngiyabonga.
UZakwe uthe kungokokuqala eza emcimbini wobumnandi nonina ngoba ubefuna ukuthi abone impumelelo yakhe. Unina ubephelezelwa udadewabo kaZakwe nengoduso yalo mrepha.
Uthe ingeyokuqala le albhamu ayikhiphe ngaphansi kweMabala Noise kodwa isidayise yathola igolide.
Uthe kuningi okuhle okuzayo njengoba ezokhipha i-albhamu yakhe abayihlanganise noDuncan ngo-Okthoba. Uthe sekumi ngomumo ngayo futhi abantu abalindele okukhulu njengoba kuhlangene iMabala Noise ne-Afrotainment kwi-albhamu eyodwa.
Kulo mcimbi uZakwe uphinde wahlonipha Isolezwe ngeGold Disc noKhozi FM ngokunjalo namanye amaphephandaba.
Emcimbini kuphinde kwanandisa uMnqobi Yazo.