UZOVELA namuhla eNkantolo yeMantshi eProtea eGauteng owesifazane obhekene necala lokuqola uDJ Zinhle uR500 000.
Ngokombiko wabeNPA owesifazane ogama lakhe nguPhumzile Diko wayesebenzela uDJ Zinhle ophikweni lwezezimali enkampanini yakhe.
“Ungomunye wabasebenza kwezezimali, okuyilapho aqola khona lo saziwayo imali engangoR500 000 eyikhipha kwi-akhawunti yenkampani,” kusho uPhindi Mjonondwane okhulumela abeNational Prosecuting Authority (NPA) eGauteng.