UMCULI wakuleli uMakhadzi, usola ukuthi babemlalele unyendle abesilisa abamhlasela ngoMgqibelo ebusuku, ngaphambi kokuba ayonandisa emcimbini.
Le ntokazi yayimi ngaphandle kwemoto yayo endaweni yokushisa inyama eGa-Rankuwa, eTshwane, lapho abeyonandisa khona ngesikhathi kuvumbuka amadoda amabili ehlomile.
Ngombiko weSowetan, umsolwa oyedwa wabeka isibhamu entanyeni yomculi wamphuca iselula ayeyiphethe ngesandla. UMakhadzi uthi wamemeza, wacela empunzini nokuyilapho umsolwa akhokha khona isibhamu wadubula. Kuthiwa abantu abebengaphandle babaleka, bacasha bezwa kuqhuma isibhamu.
Ngokusho kukaLionel Jamela, omunye wabanikazi benkampani eqopha nomculi i-Open Mic Records, wayeselinde amahora ambalwa ukuze angene esiteji ngoba wafika ngo-8 ebusuku ehlelelwe ukuba aqale ngo-10 ebusuku kodwa umnikazi wendawo wahlehlisa isikhathi wasibeke ku-12 ezintatha.
“Samtshela umnikazi wendawo ngesikhathi sifika, watholela abadansi itafula ukuze baphumule. UMakhadzi wakhetha ukusala emotweni alindele khona.”
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCol Dimakatso Sello, uqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokubugebengu emaphoyiseni aseGa-Rankuwa futhi akukaboshwa muntu.