UDJ Tira uthi i-albhamu yakhe entsha Ikhenani iphethe ingxubevange yomculo
UDJ Tira uthi i-albhamu yakhe entsha Ikhenani iphethe ingxubevange yomculo
UDJ Boonu okhiphe ingoma ethi Mshanam apike kuyo uStilo Magolide, Jaiva Zimnike, Madanon, Distruction Boyz neRude Boyz Isithombe: INSTAGRAM
UDJ Boonu okhiphe ingoma ethi Mshanam apike kuyo uStilo Magolide, Jaiva Zimnike, Madanon, Distruction Boyz neRude Boyz Isithombe: INSTAGRAM
UDJ Tira uthi akukho azokwenza ngokufana kwengoma yakhe nekaDJ Boonu. Laba bobabili banezingoma ezinezinhlamvu ezithi “mshanami woza”.

UTira upike kuyo uDladla Mshunqisi neCamp Masters kanti uBoonu yena uyihlanganise noStilo Magolide, Jaiva Zimnike, Madanon, Distruction Boyz neRude Boyz.

“Angazi ngoba eyami kade ngayikhipha. Ngizothini? Angizimisele ukuvimba umuntu. Azilime ziy'etsheni,” kusho uTira.

Izingoma zikaBoonu zaphambilini beziphuma enkampanini kaTira i-Afrotainment.

“Kade ngagcina ukukhuluma naye. Ngiyacabanga ukuthi kukhona ulayini ahamba ngawo.”

Le ngoma ikwi-albhamu yakhe entsha ezophuma ngokuphelele ngoLwesihlanu ethi Ikhenani.

“Kule albhamu kukhona yonke into ezokujabulisa. Uma uthanda i-hip hop ikhona ingoma ethi Uthando ekhuthaza ukuthandwa kwabesifazane. Ikhona eye-piano ngoba iyashisa ngeke sikwazi ukulubalekela, kukhona eyokholo engiyenze noMshunqisi noHlengiwe Mhlaba eshaya ngesigqi sikamaskandi neye-house engiyenze neKhethumndeni (Lungelo Mpangase noThobani Nzuza bomdlalo i-Ehostela) negqom,” kusho uTira.

UDJ Boonu uthe: “Ngake ngayisola ukuthi le nto izoba yinkinga ekugcineni.

“Ngazama ukuyilungisa ekuqaleni kodwa engingakufuni ukuthi kube ngathi nginenkinga nebrazo (Tira). Angisoze ngaxabana naye ngiyamhlonipha futhi ngiyakuhlonipha konke akwenzayo.”

Uthe ingoma yakhe kade ayenza.

“Yingoma yenjabulo nje ngoba sesibheke kuDisemba manje. Ngihlanganise igqom’ nomaskandi into engakaze yenzeke eNingizimu Afrika futhi ngiyenza kahle.”

Lo DJ owake wenza ingoma eyashisa izikhotha ethi Uswidi Wodwa neGcokama Elisha noMadanon, uthe usenenkampani yakhe yokuqopha Uswidi Wodwa Entertainment.

Uthe okwamanje ngeke asayine muntu kuyo.