UDJ wesifazane waseThekwini, uHlosiwe Mlangeni, usethubeni lokuba ngowesifazane wokuqala ukuhlukanisa unyaka emsakazweni uKhozi FM.
Le ntokazi isinxuse abesifazane baKwaZulu-Natal ukuba bayivotele ngobuningi babo njengoba kunguye kuphela iciko lesifazane lakulesi sifundazwe eliqokwe kwiTop 10 yoKhozi FM ngengoma ethi Isibani.
Uma uDJ Hlo (24), okuyigama aziwa ngalo emculweni, egcina edle umhlanganiso, kuyobe kusho ukuthi ungumculi wokuqala wesifazane ukuhlukanisa unyaka kulo msakazo onabalaleli abangaphezu kuka-8 million.
Ukhuluma kanjena nje uDJ Hlo, ingoma yakhe ashisa ngayo izikhotha kulo nyaka, iqhathwe nekaZakes Bantwini ethi Osama, eyamaSibblings ethi Uthando Lwethu, ekaKabza De Small ethi Asibe Happy, ekaMaphorisa ethi Izolo, ekaYoung Stunna ethi Adiwele, ekaMakhadzi ethi Ghanama nekaJumbo ethi Wena Nkosi Uyazi.
Kuzokhunjulwa ukuthi selokhu kwaqala uhlelo lokuvotelwa kwengoma yonyaka kusawine abaculi besilisa kuphela okungoDJ Sphe noNaves ngengoma eyayithi Kotw Anthem (Ngicishe Ngafa), uMroza ngethi Elamanqamu Namhlanje, Ntencane, Khuzani nabanye.
Sekuyihlandla lesibili uDJ Hlo eqokwa kwiTop 10 njengoba nangonyaka owedlule aphuma kwiTop 5 ngengoma ethi Festive.
“Kulo nyaka ngifuna ukudla umhlanganiso. Engiqhathwe nabo ngibafihlele induku emqubeni,” kuphetha uDJ Hlo obuye wanxusa nabanye ozakwabo besifazane ukuba bameseke ngoba umele nabo.
Kwenzeka lokhu nje, uDJ Hlo usanda kuqopha umlando ngokuba wumculi wokuqala wesifazane ukukleliswa nezihlabani ezidume umhlaba wonke jikelele kuma-UK Top Charts.
Njengamanje uDJ Hlo ulele isibili ngemuva kukaDe Mthuda emacikweni anezingoma ezihamba phambili kuleli njengoba ehudula ngisho u-Elton John, Adele, Chris Brown, Zakes Bantwini, ngokwezibalo zeRadio Monitor. Ephawula ngale ngqophamlando, uHlo uthe kube yintokozo enkulu kuye ukuthi iculo lakhe la-mapiano lijatshulelwe kangaka.