Nokubongwa Phenyane
UQALILE ukuqoqa izindondo esigabeni sesibili sayizolo somcimbi amaSouth African Music Awards (Sama), uPrince Kaybee ohamba phambili ngokuqokwa kulo mncintiswano.
UPrince Kaybee izolo uthole indondo yakhe yokuqala ekhala emuka neyeMale Artist of the Year nge-albhamu yakhe ethi Re Mmino.
Umcimbi wayizolo obusakazwa bukhoma kuMzansi Magic (161) nakuMyMuze.com, ubuwethulwa uDineo Langa noDonovan Goliath.
Abanye abebebuye babonakale nguSkhumba Hlophe ongusomahlaya nomsakazi uDJ Ankletarp nendlovukazi emculweni wokholo, uRebecca Malope.
Umcimbi wayizolo uvulwe yintokazi esizakhele igama emculweni uJudith Sephuma, obecula ingoma ethi Maropeng.
Omunye umculi obeboshelwe kwabanandise emcimbini wayizolo ngu-Ami Faku ocule ingoma yakhe ethi Inde Lendlela.
Umcimbi ube usuqhubeka nalapho uBenjamin Dube ethathe indondo yeBest Contemporary Faith Music Album futhi ozophinde ahlonishwe kulo mcimbi ngendondo yeSama26 Lifetime Achievement Awards kusasa.
USamthing Soweto uthole indondo yeBest Afro pop Album nge-albhamu yakhe ethi Isphithiphithi.
Iqembu lakuleli elazakhela igama ohlelweni lwase-USA, i-America’s Got Talent, iNdlovu Youth Choir ikhale yemuka nendondo yeBest Adult Contemporary Album Award for Afrika.
Abanye abahlomule ngezindondo izolo yilaba:
Best Reggae Album: True Stories ka Bongo Riot Di Dancehall Wakanda.
Best African Adult Contemporary Album: Folklore-Chapter 1 ka Pilani Bubu.
Best R&B/Soul Album: My Heart To Your Soul ka Lungisa Xhamela.
Best Alternative Music Album:
Cult Pop ka Lo-Ghost.