EMUVA kokuchithwa ngomzuzu wokugcina emicimbini yezindondo eyahlukene ngonyaka odlule, umculi waseBergville, uSjava, uzoba ngomunye wabaculi abazonandisa kumaSouth African Music Award (Sama) kulo nyaka.
Icala lokudlwengula, alivulelwa ngowayeyintombi yakhe, uLady Zamar, lenza lo mculi walahlekelwa amathuba amaningi emicimbini efana nalena njengoba kwathiwa anganikwa amathuba esabhekene naleli cala.
Ngemuva kokuchithwa kwalo, kubukeka izinto zimkhanyela njengoba esephinda ebonakala emicimbini ehlukene.
Umcimbi wamaSama walo nyaka uzokhonjiswa bukhoma kuSABC1, ngoMgqibelo ngo-8.00 ebusuku.
Ohlelweni, iReal Gobhoza, ngo-7.30 kuzobonakala osaziwayo abahlukene bekhombisa abazobe bekugqokile kukhaphethi obomvu.
Phakathi kwabaculi abazoshiyelana inkundla noSjava kubalwa nabaqokwe eminxeni ehlukene okukhona kubo uLanga Mavuso, Buhlebendalo, Big Zulu, Azania, Boity noBucy Radebe.
Kosaziwayo abazobonakala bethula izindondo kubalwa uDJ Speedsta, Lamiez Holworthy, DJ Sabby, MacG, Sol Phenduka, Thobile Steyn, Ltk nabanye.
Emcimbini walo nyaka kulindeleke ukuthi kuhlonishwe izinkakha endimeni yomculo okubalwa kuzo uDkt Lindelani Mkhize, PJ Powers noLebo M.
ULesley Mofokeng, okhulumela lo mcimbi, uthe abantu abalungele ukubona umcimbi osezingeni yize ungeke ube sendaweni enkulu njengeSun City.
“Siyabamema bonke abantu bakuleli ukuthi babe yingxenye yalo mcimbi. Ake sikhohlwe kancane yizingqinamba esibhekene nazo njengezwe nomhlaba wonke, sijabulele impumelelo yabaculi bethu. Ngalo mcimbi sikhuthaza abaculi abasebenze kanzima ukuthi bangayeki ukusijabulisa kodwa baqhubeke nokusebenza kanzima. Sijabula nabo bonke abaphumelele,” kusho uLesley.