UMCULI kamaskandi, uBobo "Umfana Wepiki" Mhlongo, usinde kukubi engozini yemoto emehlele elokishini eTembisa, eGoli ngeSonto.
UBobo ngomunye womaskanda abadume ngokukhiqiza amanoni ezingoma okubalwa kuwo eyayithi Ngamthola KuFacebook, Bewumazi Omunye Umuntu, Inxeba Lendoda Alihlekwa nelithi Phela Isikhothane.
UBobo uthe ubeyobeka uzakwabo u-Ayanda Ngobese ngesikhathi evelelwa yile ngozi ngezithuba zo-9 ebusuku.
"Bengibuya komemezela ngomcimbi engizoba nawo ngoMgqibelo. Sengibuyela emuva bengihamba nomfowethu uDSD. Ngithe sengibuya kobeka yena, ngayobeka umshana wami u-Ayanda Ngobese. Sithe sesifikile lapho abezokwehla khona, ngabe sengipaka imoto." Uthe kuqhamuke imoto ebihamba ngesivinini esixakile yafike yangena kweyakhe ngaphambili.
"Njengoba beyimile eyami. Lena iyishaye yadilaya. Umshayeli wehlile kweyakhe wazoxolisa. Ngithe uma ngimbuza ukuthi wenzani, wathi usuke wabona izinja eziningi." Eqhuba uBobo uthe umshayeli wale enye imoto ube esehamba neyakhe njengomuntu oyoyilungisa emuva kokungenelela kwamaphoyisa. Uthe yena no-Ayanda babe sebephuthunyiswa esibhedlela.
"Mina bengiyokhishwa amabhodlela afele ebusweni kodwa sekungcono. Sekuyizidubulo nje kuphela. U-Ayanda olimale kakhulu," kuphetha uBobo.
Kwenzeka lokhu nje uBobo uzobe ethula ngokusemthethweni i-albhamu yakhe entsha esihloko sithi Look @Me kwiThela Wayeka Music Festival eShamase Garden eDaveyton, eTwatwa ngoMgqibelo kusukela ngo-10 ekuseni. Njengamanje, uBobo owasebenza kakhulu noMgqumeni, ushisa izikhotha ngengoma ethi Senginomuntu nethi Ngakuxolela.
Uthe yize i-albhamu yakhe seyitholakala ezitolo zomculo ezikwi-internet kodwa amaCD azobe etholakala kulo mcimbi azobe eshiyelana kuwo inkundla noShwi Nomtekhala, DSD, Abafana BakaMgqumeni, Jaiva Zimnike, Big Zulu, Inkosi Yamagcokama, Imfezemnyama, Vumile Mngoma, Amageza Amahle, Ngiga Ndlovu, Tshathugodo Ngobe nabanye.
Amathikithi ayotholakala esangweni ngoR100.