ISIHLOKO: Babang' Imali
IQEMBU: Hlanganani
UHLOBO: Isicathamiya
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
IHLANGANANI yiqembu lesicathamiya elasungulwa yizinsizwa zaseMahlaba, eMsinga ngo-1993. Ngonyaka ozayo lizobe lihlanganisa iminyaka ewu-30 lasungulwa.
Izingwazi zikamaskandi, uShwi noMtekhala, baqhamuka kuyo iHlanganani. Yingakho ubona ubuso obujwayelekile nasemculweni kamaskandi. Abaningi bazoyikhumbula ngamanoni athi Mhlaba Ngikwenzeni; Nginemali Eningi, Lobobuhlungu namanye. Nakulo nyaka lezi zinsizwa ezinamazwi amtoti zisaholwa nguBikani "Mshebelezi" Magubane bese ziphelezelwa ngamazwi amancane yibo uShwi noMtekhala.
Icwecwe labo elisha ngelika-14 selokhu iHlanganani yayibamba insimbi ishisa emculweni. Seyike yawudla umhlanganiso. Ushuni weHlanganani uyame kakhulu koweColenso Abafana Benkokhelo, ezikaDkt Victor Mkhize.
Yize zimnandi zonke izingoma eziboshelwe kule-albhamu entsha ceke kodwa engichaze kakhulu ngethi Wayelele Kanjani ngenxa yesigqi sayo. Ngiyazi umculi kamaskandi ongasekho, uNothi Ntuli, ubezoyithaka kamnandi ngephimbo nangamahlaya abewaqhulula kuKhuzani nakuSomnandi.
Leli qembu lingithakele kamnandi nokusamntshingo engomeni ethi Zibhinca Amabhayi. Angethembe ukuthi umyalezo oqukethwe yile ngoma eyisihloko se-albhamu uzoba nomthelela ekubuyisaneni kukaShwi noMtekhala njengoba sebeyinkukhu nempaka. IHlanganani ibuye yaqwashisa ngesifo esesibhuqabhuqe abantu abaningi emhlabeni jikelele ngengoma ethi Covid-19.
Nabazalwane ayibashiyanga ngaphandle njengoba ibenzele ingoma ethi Ithuba Baba. Nabazifela ngomculo wothando bazoyithakasela ethi Isoka Lami; Ngiyakhumbula nethi We Mkami. Ungambonga umama wakho ngokumdlalela lena ethi Ungikhulisile Mama. Ingiqedile ngensini esihloko sithi Uza Ngomlomo ngoba ixwayisa olopholo abangamasaha ukuthi mabafunde ukuba nezinto zabo. Ikhorasi yale ngoma ingikhumbuze eyengoma kaMgqumeni ethi Jehova Melusi Wami, Uyangithanda Na... NoMgqumeni wayefudumeze ihubo laseZayoni.
Nakuba zihlangene kamnandi zonke izindlela kodwa kungaba kuhle bayengeze ibhesi. Ithanda ukushoda. Kungathi iculwa wumuntu oyedwa kanti kukhona lapho eke izinhlanhlathele yodwa, ikakhulukazi engomeni ethi Wayelele Kanjani. Yize kunjalo le-albhamu iwuvuselele umculo wesicathamiya. Ngakho uma uzifela ngoshuni weHlanganani, kuzofanele ube nalo leli cwecwe elithi Babang'Imali.