Ezokungcebeleka Umculo

Ushukumise inkundla uZonke enandisa kowe-jazz

Thokozani Ndlovu|Published

UZONKE Dikana Izithombe: SIBONELO NGCOBO / INDEPENDENT MEDIA

INTANDOKAZI yomculi waseNingizimu Afrika, uZonke Dikana, isukumise abantu bama ngezinyawo bejabulela ebikwenza esiteji ngesikhathi inandisa kwiGala Dinner yeDurban Jazz Festival ebise-ICC, eThekwini ngoLwesithathu ebusuku.

IZIHLWELE zisukume zama ngezinyawo kunandisa uZonke

Abantu abebelokhu behleli phansi belalele umculo opholile, basukume bajuxuza bajuluka bamanzi ngesikhathi sekunanidisa le ntokazi.

Kukhona abazwakale bekhulumela phansi bethi iyasishaya isteji le ntokazi, kwazise bekukhona abebeqala ukuyibona bukhoma inandisa.

UZoë Modiga

UZonke ubengomunye wabaculi abebeqashelwe ukunandisa kulo mcimbi obuyingxenye yesibili yeDurban Jazz njengoba kulo nyaka igubha iminyaka engu-21 yasungulwa.

Ngaphandle kwakhe uNduduzo Makhathini obedlala umculo weJazz opholile, uthe uhlobo lomculo wakhe ludinga ujule futhi akenzi umculo ohambisana nokuthi kube nomsindo. Uthe esevalelisa kwabakhona abamfuna impinda, wathi vele ubezele ukujabulisa abantu wadlala enye ingoma.

USOMIZI

UMadala Kunene obehamba noMthuthu Ndebele naye uchaze abantu. Abanye abajabulise abantu kubalwa noZoë Modiga, Aus Tebza nabanye.

USomizi obephethe uhlelo naye uchaze abantu ngomfutho abenawo esteji. Uze wamemezela nokudlula kwenkakha yemidlalo yeshashalazi, uMbongeni Ngema oshone engozini yemoto ephuma emngcwabeni. Uphinde wamkhumbula nangezingoma zakhe aduma ngazo azicule nabantu abebegcwele e-ICC.

UNDUDUZO Makhathini

Kulo mcimbi bekukhona nosaziwayo abebewuhambele, okukhona kubona oNay Maps woMkhokha: The Curse, Thobani Nzuza, Ga Ndlela, Swazi Mokoena nabanye.

UMADALA Kunene noMthuthu Ndebele