ISILOMO sikaDJ wakuleli sithi sifuna umculo waso kube yiwona ozozikhulumela kubantu,sona ngeke sichaze kakhulu njengoba sesishaya ngesigqi esisha emculweni. UBlack Coffee ngoLwesihlanu okhiphe i-albhamu entsha enezingoma eziwu-12 ethi Subconsciously, eshaya ngesigqi esihlukile abesevele efisa ukushaya ngaso.
Lokhu uthe uyazi ukuthi kwenze abantu abaningi bazibuza baziphendula ukuthi ngabe kwenzekani ngomculo wakhe wakuleli kodwa ukhethe ukuthula angachazi izinto eziningi. Usho kanje ngesikhathi ekhuluma ohlelweni Isidlo Sasekuseni kuKhozi FM. "Enye yezingoma ezibe nkulu yile engiyenze noDavid Guetta iDrive, yiyona eze nama-streams amaningi ngoba konke esikwenzile kusivunile. Ngisho nokusebenza naye engumuntu onabalandeli abaningi. Yize abantu bezohlala benemizwa ehlukene, bengazi ngenza i-deep house sebebona ngisebenza noDavid. Bekumele ngikhombise ubuholi, ngingalokhu ngichaza kakhulu ukuze abantu babone ukuthi kukhulu engikwenza ngomculo,"kusho uBlack Coffee.
Eqhuba uthe iSubconsciouly ufisa izikhulumele yona kubantu ngoba ufuna umculo wakhe usabalale kuwona wonke amazwe omhlaba, umuntu owulale ezweni lakhe angezwa sengathi wawenzelwe abantu abathile. Kodwa wonke amazwe ufuna ahlanganiswe yile albhamu, okwenze wasebenza nabantu abaningi futhi wazinikeza isikhathi esanele ngaphambi kokuthi ayidedele. Uveze ukuthi noma bezikhona izingqinamba zokusebenza ngendlela eyehlukile njengoba kuyisikhathi sikathaqa kodwa ukwazile ukusebenza nabanye abantu esebenzisa ezobuchwepheshe ukuhlanganisa le albhamu.
"Nginethimba esisebenza kahle kakhulu nalo eNingizimu Afrika naphesheya kwezilwandle. Uma senza into siyayihlalela phansi siyihlele, sibheke ukuthi sifisa ukuzuzani. Le albhamu ngeyokuqala enginikeza leli thuba lokusebenza nabantu ngisho naphesheya kwezilwandle. Nokusebenza nabantu bakuleli baningi abaculayo, abadidiyelayo nabanekhono elimangalisayo,"kusho uBlack Coffee.
Kule albhamu uBlack Coffee usebenze ngisho nesilomo somculi saphesheya, uPharrel Williams, noDiplo ungomunye wabantu asebenze nabo noSun-EL Musician. UBlack Coffee uveze nokuthi abanye babantu asebenzisane nabo kule albhamu akakaze abonane nabo ngamehlo enyama ngenxa yokusebenza ngaphansi kwemigomo kathaqa kodwa unethemba lokuthi lesi yisiqalo sobudlelwano obungapheli. Ezinye zezingoma ezikule albhamu seziqalile ukudlala emsakazweni eminingi emkhulu nabantu ezinkundleni zokuxhumana bayamukele ngesasasa.