Ezokungcebeleka Umculo

USgwili usephila ngokuzidayisela amaCD emgwaqweni

Bongiwe Zuma|Published

USGWILI Zuma osethathe isinqumo sokubuyela emgwaqweni azidayisele umculo wakhe kulandela ukuvalwa kwezitolo ezinkulu zomculo kuleli Isithombe: SITHUNYELWE

UTHATHE isinqumo sokunandisa emadolobheni ahlukene azidayisele nomculo wakhe umculi wokholo owaziwayo, uSgwili Zuma. Lo mculi okhiphe i-albhamu entsha enezingoma eziwu-15 ethi Icebo Lakho usehlala ebonakala ephethe amaCD emadolobheni ahlukene aphinde aculele abantu ngenhloso yokuzama isinkwa kulandela ukuvalwa kwezitolo zomculo eziningi nosizi lweCovid 19.

USgwili uthe yize kuyisinqumo obekunzima ukusithatha ngokubheka ukuthi ubesedlulile kulesi sigaba sokuhamba ecula emadolobheni nokudayisa ngesandla umculo, kodwa isimo simphoqile ukuthi akwenze lokhu.

"Singene emculweni ngesikhathi kudayiswa amakhasethi, kwaya ngokuya sathuthuka kwangena amaCD okuyinto ebesisazama ukuphuma kuyo singene ezitolo ze-online. Konke lokhu kwenzeke ngesikhathi esinzima kwahlasela iCovid singakagxili kahle kuya i-online nabantu bengakangeni bagxile kuyo nokugcina besebenzisa ezinye izindlela ezilula ezingasisizi thina njengabaculi ukulalela umculo wethu," kusho uSgwili.

Ukuphuma azidayisele amaCD uthe akukho lula ngoba kumele anandise mahhala ebe edayisa okwenza agcine ekhandleka kodwa ukubona kungcono kunokuhlala ekhaya. "Izitolo bezisiza ngoba abantu bebekwazi ukungena bathenge umculo babe baningi okusibulele kakhulu ukuvalwa kwazo. Nakho ukuzimaketha ezinkundleni zokuxhumana kusifica manje sesibadala kuze kube ngcono kwabancane kunathi ngoba bakhule sebezijwayele izinkundla zokuxhumana,"kusho uSgwili.

USGWILI Zuma osethathe isinqumo sokubuyela emgwaqweni azidayisele yena umculo wakhe kulandela ukuvalwa kwezitolo ezinkulu zomculo kuleli Isithombe: SITHUNYELWE

Icebo Lakho uthe selikhona ezitolo zomculo kuma downloads kanti kuyona le albhamu usebenze noLindani Gumede, Dumi Mkokstad, Sanele Ndlovu, Ntokozo Ngongoma, Thulani Ndlovu nomfowabo odume kumaskandi uSiyabonga Mfana Omhlophe Zuma nabanye abafake amaphimbo abo ezingomeni ezahlukene. Inhloso ngale albhamu ukubuyisa ithemba kubantu abalahlekelwe izihlobo, imisebenzi, izinkampani ngenxa yeCovid nokushintsha kwesimo sempilo.

Ephetha uthe uyafisa abantu babeseke ikakhulu abalandeli bomculo ngenxa yesimo esinzima ababhekene naso endimeni yobuciko. Uyaqhubeka nokuhambela imisakazo eyahlukene lapho ethula khona le albhamu ezifundazweni ezahlukene.