USONGELWA ngokubukawa uma eya kwelaseNigeria u-AKA. Isithombe: Twitter
USETHOLA izinsongo zokubulawa kwelaseNigeria umculi wakuleli uKiernan "AKA" Forbes (31).

Lezi zonsongo zilandela imibhalo yakhe ayibhala ngesikhathi iBafana Bafana ihlulwa yiqembu laseNigeria kuma semi-finals omqhudelwano weAfrican Cup of Nations (AFCON) ngoJulayi nonyaka. 

U-AKA wabhala ekhasini lakhe lika twitter ezwakalisa ukungenami ngokuthi iqembu lakuleli lehlulwe elaseNigeria. Ngemva kokuhlaselwa kwabantu bokufika okusabalale esifundazweni saseGauteng kusukela ngeledlule, u-AKA ube esethola ukugxekwa ngabantu baseNigeria bemsola ngokuba yingxenye yabasuse lolu dlame.

U-AKA uveze uxhaxha lwemiqhafazo emsongelayo ekhasini lakhe lika twitter.
Kule miqhafazo kukhona imibhalo ethi, lesi sihlabani somculo weHip Hop sizobulawa uma siya eNigeria ngoba sakhombisa inzondo ngombhalo esawubhala ku twitter kanti futhi ungomunye wabazonda abantu baseNigeria.
Lezi zinsongo ziholele ekuqalweni komkhankaso othi #apoligize khona ku twitter. Abalandeli bakhe bebehlukene phakathi ngemibono abanye bemnxenxa ukuthi axolise kanti abanye bebethi angazishayi ndiva lezi zinsongo futhi angaxolisi.