ASEHLANGA kahle isixoliso sikaScotts Maphuma asenze ku-Instagram exoxa nophrojusa uMaphorisa.
Kunalokho leli jongo ogama lalo langempela uMpho Innocent Lebajoa lizifakele esikhulu isigcwagcwa kubalandeli belisola ngokukhukhumala nokuzazisa okungenasidingo.
UScotts wazidonsela amanzi ngomsele kubalandeli bakhe kulandela impendulo ayikhipha ngokusabalala kwe-video esemcimbini lapho okuthe esephuma e-stage, kwakhona umlandeli wesifazane oze kuyena ethi uyomjabulela ngokumanga, uMaphuma wamchizela wasuka lapho wazihambela, eshiya lo mlandeli ekhexile futhi kubonakala ukuthi uphoxekile ngokwenziwe yilo mculi.
Abantu abaningi basigxekile isenzo sakhe.
Akuphelanga sikhathi esingakanani, uScotts waziphendulela ngombhalo ku-Instagram ukuthi sekungokokugcina manje ephawula ngalezi zinsolo zasolwa ngakho. Uthe abantu kumele bamukele ukuthi akayona imali ngeke athandwe yiwo wonke umuntu, futhi ngeke ekwazi ukumelana nengcindezi yokungakwazi ukuphila impilo yakhe ngendlela afisa ngayo.
Udaba lwakhe luthathe elinye igxathu abathandi bomculo bebonisa ukungamamukele emcimbini abenandisa kuwo ngempelasonto, ungene esiteji washaya amanoni akhe athandwa kakhulu, kwawu -nya kubantu kwangathi uculela izindonga kuphela.
Lithe liqala leli sonto, kwacaca ukuthi abantu abafuni nokuyizwa indaba yakhe, kwale noma uzakwabo uMaphorisa emnikeza inkundla yokuxolisa, waba ngumuntu ozenzisayo.
Lokhu kuxolisa kwakhe akuyitholanga indawo kubalandeli ngoba ubuye wafaka i-video ecula, ethi bathi, ngiyazitshela, ngiphakeme, nokuyinto ebhebhethekise ulaka lwabalandeli.
Scotts Maphuma not serious about his Apology his still doing this
— IG:Joy-Zelda (@joy_zelda) May 7, 2025
Fuck Scotts Maphuma
MacG pic.twitter.com/OWaDPYkAJ5
Ukuphawula kwabathandi bomculo
@MVProJileka UMaphorisa unikeze uScotts Maphuma ithuba lokuthi axolise esidlangalaleni kubalandeli bakhe yena wakhetha ukulithatha njengenkundla yokuqhulula amahlaya aqhugayo nokugcona abalandeli bakhe. Bhari ke bhari 😂😂😂
@SirMariri_ZA Ngelinye ilanga uzobhala ikhasi eligcwele, ekhala mi izinyembezi ecela uxolo kubalandeli. Ngaleso sikhathi uzobe ehlushwa yingcindezi nemicabango yokuzibulala, izikhathi lapho engeke akwazi khona ukukhokhela imizuzu nje yamahhala ukuze athole abangani bakhe. Sizobe sikhona.
Proffesor Douglas Mhlongo: Bengingeke ngigcine abangani abafana nalaba bakaScott Maphuma, abalandeli sebeyamziba ngenxa yesimo sakhe sengqondo futhi uphendula "abazondayo" bakhe ngengoma edelelayo, abangani bakhe bayamkhohlisa bazi kahle ukuthi umsebenzi wakhe usuzophela ngenxa yokuzitshela kwakhe.
Rorisang La'Rox: Scotts Maphuma usedelele isikhathi eside manje, kunokuba azehlise ulokhu ewandise njalo umonakalo. Lolu hlobo lokuziphatha kuzoba ukuphela komsebenzi wakhe uma ungazithobi futhi aqale ukuhlonipha abantu embonini. Impumelelo yangempela iza nokukhula, hhayi ukuzazisa.