UKUSABALALISA ivideo ezinkundleni zokuxhumana icula nabazali bayo kwayakhela udumo oseluyenze yaba ne-albhamu intokazi esencane kowokholo. UNomini Nyawose (24) waseMthwalume ukhiphe i-EP ethi Igama Lakho enezingoma eziyisithupha nayiqophe ngosizo lwesihlabani sowokholo uDumi Mkokstad. UNomini uveza ukuthi selokhu aqala ukucula emncane ngo-2014 sakhula isipiliyoni sakhe emculweni ngoba ubekhonze nokuhlabelela enkonzweni.
Ngo-2019 yilapho impilo yakhe yashintsha khona eqopha ivideo yengoma ethi Wehlukile maqede wayinameka ezinkundleni zokuxhumana. Yilapho abantu abaqala ukubona nokubabaza ikhono lakhe lokucula. " Ngaleso sikhathi isimo sasingesihle ekhaya, sasibuya enkonzweni sihlezi otshanini emnyango ngafikelwa ukuhlabelela uWehlukile nabazali bami. Ngayifaka nedata yokugcina ngezwa ngabantu sebengifonele seyisabalele ivideo. Baqala bangisebenzisa abantu bethi angiziveze nekhono lami. Ngaphinda ngacula ingoma kaDumi ethi Ulwandle nokwenza wangifuna waze wangithola,"kusho uNomini.
Nyakenye babe sebeqala ukuhlela indlela yokusebenzisana noDumi baze baqopha le EP ngempumelelo ngoJulayi. UNomini uthi ukwesekwa akuthole kuDumi kufeze iphupho lakhe leminyaka lokuba ne-albhamu ebizwa ngaye. Kukhona nenye ingoma ayicula noDumi ethi ungu-Alpha. Ngaphandle kwakhe kukhona nentokazi acula nayo uSindi Ntombela naye odlale indima enkulu kuqoshwa le EP.
Abazali bakhe uthe namanje basahlabelela ndawonye futhi bayamkhulekela ukuthi kufezeke zonke izifiso zakhe emculweni. I-EP kaNomini isiyatholakala ezinkundleni zomculo ezahlukene nakuyena uqobo. Ukunandisa nokudumisa emicimbini eyahlukene njengabanye abaculi usekulungile nakho. Abantu ezinkundleni zokuxhumana bakhombisa ukuyeithakasela kakhulu le EP kulandela isikhathi eside behlala bemfisela ukuthi aqophe umculo wakhe.
UDumi ubabaze ikhono likaNomini waveza ukuthi yilona elamenza wadela konke wamisa nezinye izinhlelo zakhe wamfuna waze wamthola. Utshele leli phephandaba ukuthi isifiso sakhe esikhulu ukumbona ephumelela emculweni nabantu bamazi futhi akwazi ukuzimela njengabanye abaculi bokholo. Izingoma zikaNomini seziqalile ukudlalwa emisakazweni ehlukene, naye uyamenywa kule misakazo.