WAYETHI uyazidlalela kanti kuzophenduka isinkwa sakhe esizomdumisa umhlaba wonke uDJ osebizwa ngenkosi yegqomu phesheya.
U-Lwazi Asanda Gwala (26) waseClermont owaziwa kakhulu ngoDJ Lag uthi wayethi uyazidlalela kanti umculo uzophenduka isinkwa sakhe njengoba esethandwa naphesheya.
"Mina ukucula yinto engangiyenza sakudlala, ngangingazi ukuthi kuzogcina sekuyinto engiziphilisa ngayo nengondla ngayo umndeni wami," usho kanje.
Uphinde waveza ukuthi ukukhula ebona abantu abafana noMsawawa endaweni yangakubo yikhona okuvuthele inhlansi yothando lomculo ngaphakathi kuyena.
"Besinokubona uMsawawa eClermont njalo uma ngabe ebuyile eGoli. Njengezingane besinakho ukumlandela ngoba sifisa ukuba uyena. Lokho kuluvuthelile uthando lwami lomculo," kuchaza yena.
UDJ Lag osanda kukhipha i-albhamu ethi Meeting With The King uthi kuyamjabulisa ukubona abantu bethakasela umsebenzi wakhe futhi kuyamgqugquzela ukuthi aqhubeke asebenze ngokuzikhandla.
Lokho uthi ukusho ngoba akagcini ngokuba nguDJ kuphela kodwa futhi usezinhlelweni zokuba ngusomabhizinisi.
"Kuyimanje ngisanda kuthenga indlu okuzoqasha kuyona izitshudeni, bese ngiphinda ngivula indawo yokugunda amakhanda," kusho uLag
Uphinde wathi akazogcina lapho, uzophinde avule indawo enkulu yokuzijabulisa ngakubo eClermont ngoba unakho ukufika azonandisa khona.
UDJ Lag uphinde wathi kubalulekile ukuthi ukwazi ukusebenzisa ikhono lakho ukuziphilisa.