UMthokozisi Ndaba (30) owaduma kuma-Idols, uthi imphathisa ngokhwantalala indaba yokuthi umculo wakhe kawudlalwa emsakazweni ekubeni ewuhambisa. Uthi kusukela ngonyaka ka-2018, njalo uma evakashela emisakazweni emikhulu bafike bamjikise bathi akathumele i-email enomculo wakhe, ayithumele kodwa bagcine ngokuyiziba.
Le nsizwa edabuka KwaMashu, ithi okunye okuyihlukumeza kakhulu ukuthi isebenza ngokuzikhandla yakha umculo wayo iphinde isebenzise nemali ezishisiwe kodwa kungabi namvuzo.
“Abalandeli bami nabo bagcina sebengibuza ukuthi kanti kwenziwa yini ukuthi umculo wami ungasatholakali? Abanye bagcina sebecabanga ukuthi angizimisele ngomculo kanti kabalwazi usizi engibhekene nalo,” kuchaza yena.
Uthi umculo wakhe usugcina ngokuzwakala emsakazweni emincane ngoba le emikhulu ayibaphi ithuba. Yingakho enxusa amanye amaciko asephumelele ukuthi angenelele ngoba baningi abaculi abasafufusa ababhekene nenkinga efana neyakhe kodwa bathuli abakhulumi.
“Ngeke ngikwazi ukuthula ngoba le nto iyangihlukumeza ngaphakathi futhi iyangigulisa. Kubuhlungu ukusebenza ngokuzikhandla kodwa amandla aphelele emoyeni. Siyacela ukuthi imisakazo emikhulu isinike ithuba ngoba kuyenzeka umlaleli ashayele ohlelweni acele ukudlalelwa ingoma ethile, uthole uthole ukuthi kabayidlali ngoba abanayo. Lokho kudalwa ukuthi abafuni ukusinika ithuba,” kubalisa uNdaba.
UNdaba ophinde abe ngumlingisi, uthi yize noma isimo sinzima kodwa ithemba akalilahlile futhi nothando lomculo alukapheli njengoba esanda kukhipha ingoma ethi Yizwa Imithandazo Yethu.
“Ngaphandle komculo, ngibuye ngilingise. Nginayo nenkampani yami esafufusa ngiphinde futhi ngibe ngumshayeli wamaloli. Le misebenzi iyangisiza ukunakekela umndeni wami njengoba kungahambi kahle emculweni,” uphethe kanje.