INTOKAZI yaseMpumalanga, uZama Khumalo ithi ingoma yayo ethi Ndizobizwa, izobuyisa ithemba lokulinda kubantu abafuna ushintsho empilweni yabo uma kuziwa emathubeni omsebenzi.
UZama, ukusho lokhu ngemuva kokuphuma kwe-video yale ngoma ngoLwesithathu.
Le ntokazi yaseMalahleni, iveze ukuthi yacishe yaphosa ithawula ekungeneleni lolu hlelo kodwa isizama okokugcina kwaba yilapho idla khona umhlanganiso.
“Okungithinta kakhulu ngale ngoma wukuthi ngisebenze kuyo noMojalefa “Mjokes” Matsane weTrompies obengomunye wabaphathi eKalawa, osanda kudlula emhlabeni. Abantu bazombona kule video ngakho kimi kusho lukhulu ukusebenza naye phezu kokuba esedlule ngokukhulu ukuzuma. Le ngoma ikhuluma ngomuntu oselinde isikhathi eside, ezama ukuthola noma yini ezomenza ukuthi aphumelele kodwa kungenzeki. Ekugcineni kodwa ugcina ephumelele, kufezeke amaphupho akhe,“ kuchaza uZama.
Uthe ngisho abantu ababona abanye beseduzane nabo kubahambela kahle, bese kuba sengathi uJehova ubakhohliwe, kumele babekezele.
“Isikhathi sikaNkulunkulu mina ngisibonile, ukuthi uma ulinde sona konke kuyazenzakalela. Ngakho le ngoma ngiyathemba ukuthi kukhona ezobakhuthaza. Ngale ngoma nami ngithi abantu mababuyelwe yithemba lokuthi uma nje ulinda, ngelinye ilanga kuyokwenzeka,“ kusho uZama.
Uveze ukuthi okwamanje usematasa nokuqopha izingoma kodwa ne-albhamu bazoqala amalungiselo ayo maduze.
Isitebele iKalawa Jazzmee yisona esamenyezelwa ukuthi sizoqopha owinile kulolu hlelo, kusuka kwisizini yesi-16.
Kodwa akugcinanga lapho njengoba sona saveza ukuthi bonke abangene kwiTop10 sizobaqopha, bakhiphe izingoma zabo ngaphansi kwaso, ukuze sibasize endimeni yomculo.