UTHEMBISA ulozolo lwe-albhamu umculi wekwaito wakuleli okulindeleke ukuthi akhipe icwecwe lakhe elisha.
UProfessor kulindeleke ukuthi akhiphe i-albhamu yakhe yesithupha kulo nyaka njengoba ayegcine ngeComposed by Jesus Christ ukukhipha.
Yize engafunanga ukwanda kakhulu ngemininingwane ye-albhamu entsha kodwa ukuqinisekisile ukuthi “abantu bazodansa noma yikanjani”.
“Angifuni ukudalula okuningi okwamanje ngoba kusanezingxoxo esinazo njengenkampani kodwa yona isihlangene i-albhamu. Okuningi ngayo sizokumemezela maduze,” kusho yena.
Uthe okwamanje kunengoma azoyidedela ngaphambi kwe-albhamu ethi Sekawinile nalapho epike khona uTira.
Ubuya waveza ukuthi usemanzini kulandela ukushona komunye umculi abempike kwenye yezingoma ezizozwakala kule albhamu entsha.
“Kubuhlungu ukuhamba kwethalente elisha ebeseliqala ukuzibonakalisa kule ndima,” esho ngokudabuka.
Ziningi nezinye izingoma zabanye abaculi azozwakala kuzona njengamanje uProfessor nokubalwa ingoma entsha kaSpeedy enesigqi samaPiano ethi Come Duze, ekaThokozani Langa ethi Imnandi Lengoma naleyo apike kuyona uBabes Wodumo noMampintsha ethi Isibhaxu. Angingabazi ngempela ukuthi abantu basazodansa ngoba kusetshenziwe impela kuphekwa lezi zingoma. Ukuzinikela kwami emsebenzini wami kungenye yezindlela engizama ngayo ukukhombisa abangixhasayo ukuthi ngibonga angiphezi,” kubeka uProfessor.
Uthe ucela abantu bahlale belindele ngemininingwane ye-albhamu futhi bameseke njalo.
Phakathi kwezingoma eziningi zikaProfessor ezingavumi ukusuka ezingqondweni zabaningi kubalwa uJezebel, Unobenga, Imoto, Lento, Fingerprints neSpeaker.