ISIHLABANI sakuleli sodumo lwengoma ethi Jerusalema futhi esikhale semuka nendondo kumaGrammy Awards, uNomcebo Zikode, sikhuze ibuya ngenoni elisihloko sithi Izono Zami.
Le ntokazi, edabuka eHammarsdale, ithe ngalo mucu izozembula ubuyona emphakathini.
UNomcebo uthe selokhu angena emculweni akakaze abe ngumuntu ongena ezintangeni.
"Yize ngiwumuntu owaziwa njengomntwana kaNkulunkulu kodwa ngiyaba nezinselelo nezinkinga njenganoma wubani. Ngiyaphatheka kabi, ngiyona. Angikho ngcwele. Okungenza ngingapheli amandla endleleni wukholo lwami kuNkulunkulu."
UNomcebo uthe isifiso sakhe ukuba lo mucu unikeze abalaleli emhlabeni jikelele ithemba nenkolelo yokuthi izinto zizoba ngcono uma uncika kuNkulunkulu.
"Uma umculo uqhamuka enhliziyweni yakho, abantu abadingi ukuqonda uhlamvu nohlamvu lwengoma ukuze bahambisane nayo. NgeZono Zami sizodlulisela uthando olukhulu nokwelapheka emhlabeni."
Yize uNomcebo esedume umhlaba wonke kodwa akakakhohlwa wubuyena. Uthe lo mucu uveza ukuthi i-albhamu yakhe ezayo izobe injani.
"Yisipho sami emhlabeni. Njengabantu abaningi, kuningi engibhekane nakho eminyakeni embalwa eyedlule futhi ngiyakholelwa ekutheni umculo yiwo owangisiza ezikhathini ebezinzima. Ngifuna le albhamu yelaphe abantu uma bedinga okuthize okuzobakhuthaza ukuba bavuke bazithathe."