UKWAMUKELWA kahle kwe-albhamu yakhe yokuqala ayikhiphe ngonyaka odlule kumfikisele ngomcabango wokukhipha i-Extended Play (EP) abefuna ukuzihlola ngayo ukuthi kungakanani angakwenza ngomculo nangobuciko bakhe.
UNobuhle Khuzwayo (24) odabuka eMfongosi, eNkandla, ukhiphe i-EP ethi Indlela ngoNovemba 4. Yelama i-albhamu yakhe yokuqala esihloko sithi Imvula ephume ngoSepthemba, wonyaka odlule.
“Nge-albhamu yokuqala ngangisazethula nje ebantwini ukuze babone ukuthi ngiza nani. Kuthe ngokubona ukuthi bayamukele kahle, nganquma ukukhipha Indlela - engizihlola ngayo ukuthi kungakanani engingakwenza njengeciko.
“Okuhle ngayo wukuthi bese nginesikhathi esanele sokuqoka abantu ebengifuna ukusebenza nabo kuyona, ikakhulu ngoba ngiyabakhetha abantu engisebenzisana nabo,” kuchaza uNobuhle oqopha ngaphansi kweRedbox Entertainment.
Kule-EP usebenze noKabza De Small, Da Muziqal Chef, De Mthuda, Josiah De Disciple, Mpumi, Kenza, Caiiro, Ze2 noDeeper Phil.
“Ngididiyele izingoma zothando, ezibuyisa ithemba, ezikhuluma ngohambo lwami lwezomoya nengizibhale ngenxa yezinto engizifundiswa yindima yezomculo. Ngiqinise kakhulu esigqini sama-piano, kungafani neyokuqala engangigxile kakhulu kwi-Afro Pop kuyona,” kusho yena.
Ephetha, uthe uzoqhubeka nokuzikhandla ngomculo wakhe ukulungiselela i-albhamu yesibili nemizungezo yemicimbi yabukhoma emadolobheni akuleli nasemazweni omhlaba, okuyizinto athi uhlela ukukwenza ngonyaka ozayo.