KUZODELA umakhasana ozozibonela ngawakhe amaqembu kacothoza edlana imilala kwindumezulu yomcimbi wokukhumbula ingqalabutho engasekho, uMpopoli "Solomon Linda" Nsele, wodumo lwengoma eyayithi Imbube.
I-2nd Annual Solomon Linda Isicathamiya Festival namhlanje kusukela ngo-1 emini, ePomeroy Sports Complex, eMsinga.
Umgqugquzeli womcimbi uNqolokazi Nomvalo, uthe kulo mqhudelwano, okhuza ibuya, kuzobe kubangwa isiteki sikaR200 000 nembuzi futhi awungenelwa ngemali.
UNqolokazi uthe phakathi kwezicukuthwane ezilindelekile kubalwa noNgqongqoshe woMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMhlonishwa uMntomuhle Khawula.
“Obashaye bonke emakhanda esitekini esikhulu esibizwa ngokuthi uWonkewonke uyokhala emuke noR30000. Esinye seziteki esibhekwe ngamehlo abomvu esikaQhuqhude, lapho okuqhathwe khona amaqembu ayishumi asemavava endimeni futhi azobe ebanga isiteki sikaR50,000 kanye nembuzi.
“Kulo nyaka kuqhathwe Abafana Bokuthula, Highlands Vela Brothers, Inkululeko, Khalabhayi Boys, Ladysmith Hlanganani, Nombika Black Boys, Pomeroy Gordon Stars, Royal Messengers, Xolo Can’t Get neZulu Messengers.”
Kulindeleke oNobuhle oSwenka namaqembu esicathamiya angaphezu kuka-50. Amaciko azongenela imincintiswano eyisithupha ehleliwe azobhalisa kusukela ngo-10 kuya ku-11 ekuseni ngelanga lomcimbi, bese imincintiswano iqala ngo-1 emini kuze kuyosa ngeSonto.
Uthe inhloso yomncintiswano ukuthulela isigqoko uSolomon Linda, owayibeka induku ebandla emhlabeni jikelele ngenoni elalithi Imbube, naliqopha neqembu lakhe, i-Evening Birds ngo-1939.
Le ngoma yasetshenziswa emidlalweni yeshashalazi okubalwa kuyo nodume umhlaba wonke iThe Lion King. Yabuye yaculwa ngabaculi abaningi seyiguqulwe isihloko, seyibizwa ngeLion Sleeps Tonight nesithi Wimoweh.
Lo mcimbi, uhlelwa nguSithole noNqolokazi, ongummeli osemncane osemkhakheni wezamaciko namasiko kanye nenkampani engenzi nzuzo i-Cultured2Day ngokubambisana nenhlangano yesicathamiya ezinze eGoli, Iphimbo Isicathamiya Music Organisation, ngokuxhaswa uMasipala waseMsinga, nowaseMzinyathi, izinhlangano zamaciko i-SAMPRA, u-SAMRO ne-CAPASSO, kanye noMnyango wezemiDlalo, ezobuCiko namaS,iko wakwaZulu-Natal.
Lo mcimbi usubuya isibili kuleya ndawo emuva kokwethulwa kwawo njengomunye wemisebenzi engaphansi kweSolomon Linda Legacy Project eyasungulwa wuSithole ngo-2022.