NGEMUVA kweminyaka umculi we-Afro pop, uNaima Kay ebalisa ngokungahambi kahle kwezinto othandweni, kubukeka sengathi sekuze kwalunga.
Lo mculi usothandweni oluvutha amalangabi nomculi obuye abe wumsakazi wesiteshi somphakathi eMlaza, uMorris ‘’Coober’’ Mpungose. Isoka likaNaima lizalwa ebukhosini njengoba liyindodana yenkosi yaseMandaba, eNkandla.
Isolezwe ngoMgqibelo lithole ngomthombo walo osondelene nosaziwayo bobabili ukuthi indlela uthando oseluphuphuma ngayo ezinhliziyweni zabo, nabo sebeyahluleka wukulufihla. Bafaka ezinkundleni zokuxhumana ngisho izingxoxo zothando phakathi kwabo.
Bahlale bekhumbuzana ukuthi bayathandana. Ebuzwa ngalezi zindaba uMorris, ukuvumile ukuthi yena noNaima sebeqeda inyanga yesibili bethandana.
UMorris uthe baqala ukwazana noNaima emcimbini owawusePort Shepstone ngo-2019, ngenxa yokuthi naye ungumculi wegqom’ ne-Afrop pop, owaziwa ngoMorris KB. “Sabe sesinikezana izinamba, saqala saba ngabangani. Kulo nyaka sibe sesibona kungcono ubudlelwano bethu sibubeke kwelinye izinga ngokuthi sizame ukuthandana.”
UMorris uthe uyazifela ngoNaima, kangangoba usethandana naye yedwa futhi uzimisele ngokumenza unkosikazi.
Imizamo yokuzwa ukuphawula kukaNaima ayiphumelelanga, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela. Ubengalubambi ucingo futhi kwahluleka ngisho esethunyelwa nemiyalezo. UMorris usakaza uhlelo lomculo wamzukwane kwiNtokozo FM, ngoLwesihlanu ngo-7 ebusuku nolwesicathamiya ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.