AMAVULANDLELA omculo wekwaito eClermont, uMsawawa Dlamini waseSub 5 noVukani Khoza waseNdunduma, akhuze ibuya emculweni ngama-piano. Lezi zinsizwa ezaziyibambe zizincane eqenjini iDurban Mix neKwaito Gang yodumo lwengoma ethi Thokomala, ziqophe ngokuhlanganyela ingoma yomjuxuzo esihloko sithi Asilali.
Echaza uVukani uthe nguye ofikelwe umcabango wokulanda uMsawawa eClermont ukuze amlekelele ekuqopheni ifilimu ekhuluma ngempilo yakhe.
"Ngibe sengicabanga ukuthi angimlande umfana ukuze ngimbuyisele emculweni njengomuntu vele owaqhamuka nami. Ngiyalazi ikhono lakhe ukuthi lihamba ligcinephi. Ngithe angimthathe ngimdonse ukuze ngimfake emculweni wama-piano." UVukani noMsawawa yibo abaqhamuka neqhinga elabakhela udumo lokuphuma kukaMsawawa esikhwameni kwi-video yengoma kaMsawawa eyayithi Bowungakanani.
UVukani wayengomunye wabadansi bakaMsawawa esasebenzisana noMzambiya ngaphansi kweBulldawg Productions. UVukani uthe bamatasatasa kakhulu noMsawawa endimeni yomculo nasekuhlanganisweni kwale filimu abazobonakala kuyo bobabili. Emuva kokudansela uMsawawa, uVukani usebenze noZola 7 futhi baze basungula iqembu labo lekwaito noZolani, iSkomplazi. Baduma kakhulu ngenoni elalithi Sikhab' Amabhodlela. NoMsawawa waziwa kakhulu ngamanoni athi Bhibho, Usigidi nelithi Big Small. Esephetha uVukani uthe le ngoma izotholakala kwi-albhamu yakhe azoyikhipha ungakapheli lo nyaka. Nomphakathi waseClermont ukujabulele kakhulu ukuzwa izindaba zokubuya kwalezi zihlabani. Omunye wabo uStixzet Zulu onejoyinti KwaDabeka othe kuhlangene imihlathi eyazanayo.