UMREPHA nophrojusa womculo, u-The Law SA, ukhuze ibuya emculweni
Image: SITHUNYELWE
UKUHLABA ikhefu leminyaka emine engaqophi futhi engakhiphi umculo omusha kumfundise izinto eziningi ngomculo nebhizinisi lawo, akholwa wukuthi njengoba esekhuze ibuya kule ndima uzokwazi ukusebenzisa asekufundile ukudlondlobala kubhekwe phambili.
Lowo wumrepha waseZakheni, eMandeni, enyakatho yaKwaZulu-Natal, u-The Law SA obuye emculweni ngengoma ethi Dumelang, ayishaya noFxstlxyne, ayichaze ngokuthi iyindlela ayisebenzisa ukuzethula kabusha kubalandeli bomculo bakhe emva kokunyamalala.
Engxoxweni neSolezwe Ngempelasonto ngalokho, u-The Law SA (27) uthe emva kokukhipha ingoma ethi Khuluma Nami ngo-2021, wanquma ukuhlehla kancane endimeni ngoba ebalekela ukugxila ezintweni eziningi ngesikhathi esisodwa njengoba wayesaxinwe yisikole nomsebenzi ngaleso sikhathi.
"Lokho ngakwenza ngiwumuntu ongathandi ukuzifakela ingcindezi yokwenza izinto eziningi ngesikhathi esisodwa ngoba okunye akube kusenzeka kahle. Nokho ikhefu lingisize kakhulu ngafunda ngebhizinisi lomculo, njengoba manje sengibuya sengishaya ngonyawo olusha futhi nomculo engiwukhipha manje usuphekwa esitebeleni sami somculo. Angisekuzuhlupheka ngezinto eziningi ngoba konke komculo sengiyanzela," usho kanje.
UMREPHA nophrojusa womculo, u-The Law SA, ukhuze ibuya emculweni
Image: SITHUNYELWE
Uthe emva kwale ngoma, uhlela ukuqhubeka akhiphe ezinye izingoma ezimbalwa azobe endlalela ngazo i-Extended Play (EP) ahlela ukuyikhipha ngasekupheleni kwalo nyaka ukuqhubeka ajabulise abalandeli bobuciko bakhe.
U-The Law uqale ukugqama emculweni ngo-2019, ngenkathi ekhipha i-EP yakhe yokuqala eyayisihloko sithi Ubumina. Manje umculo wakhe omusha usuphuma enkampanini yakhe iManisauce Entertainment, ayiphethe ngokubambisana noFxstlxyne noSabby Mpungose.