Ezokungcebeleka Umculo

Umrepha ubhodla ngenkohlakalo nobugebengu ezweni nge-Phara City

Simangaliso Ntshangase|Published

UMREPHA u-K.O okhiphe i-albhamu yesihlanu ethi Phara City

Image: SITHUNYELWE

UBUNJALO besimo izwe iNingizimu Afrika elibhekene naso kubalwa izenzo zobugebengu, inkohlakalo kubaholi bezwe ngokwehlukana kwezigaba zabo nasebantwini jikelele, iyona myalezo umakadebona wumrepha u-K.O adalule ukuthi ubhoboka futhi waphefumula ngazo kakhulu kwi-albhamu yakhe yesihlanu esihloko sithi Phara City, ephume ngoLwesihlanu.

U-K.O usho njalo exoxa neSolezwe Ngempelasonto ngale albhamu, lapho eveze khona ukuthi bengamaciko wumsebenzi wabo ukusebenzisa ubucuko babo ukukhuluma ngezinto eziningi ezibhekene nabantu nomphakathi, yingakho naye enqume ukwenza njalo kulokhu.

“Sengisesigabeni sempilo lapho ngingasajatshulswa wukujuxuzisa abantu ngomculo kuphela ngoba okuningi sengikufezile ngomculo wami; manje into esengiyibheke kakhulu wukuqhubeka nokuthi ngisebenzise ubuciko bami ukwedlulisa umyalezo ophusile nokuthi ngiqhubeke nginike amanye amaciko ithuba lokuqqamisa ubuciko bawo,” kusho u-K.O.

Leli ciko, elagqama lisayibambe eqenjini le-hip-hop eselahlakazela iTeargas, lidalule nokuthi okunye okuhlabahlosile nelikholwa wukuthi abantu bazokuthakasela wukuthi kule albhamu kunengoma ethi Supernova, elipike kuyona uzakwabo uCassper Nyovest.

“Le ngoma siyisusele kweyelinye lamaciko ayethandwa kakhulu elingasekho emhlabeni uLebo Mathosa, esihloko sithi I Love Music. Lokhu kuyindlela yami yokumhlonipha nokumkhumbula njengoba sazi sonke ukuthi wayeyiciko elalithandwa kangakanani ngenxa yomculo wakhe omnandi, futhi ngiyazibongela emndenini wakhe ngokunginika imvume yokuthi ngenze lokhu ngengoma yelungu lomndeni walo,” usho kanje.

UMREPHA u-K.O okhiphe i-albhamu yesihlanu ethi Phara City

Image: SITHUNYELWE

Amanye amaciko asebenze nawo kule albhamu yiBlaq Diamond, Young Stunna, Emtee, 25K, King Promise, uphrojusa uLunatic kanjalo nengqalabutho yomculo we-Afro pop neRn’B u-Afrotraction, obe nesandla ekubhaleni ezinye zezingoma ezikwiPhara City.

Le albhamu ka-K.O, ogama lakhe lokuzalwa wuNtokozo Mdluli - yelama amane, athi Skhanda Republic 2 yango-2017, PTY UnLTD yango-2019, Skhanda Republic 3 yango-2022 neSkhanda Republic azibula ngayo esecula ngokuzimela ngo-2014.