INGWAZI kamaskandi esanda kukhipha i-albhamu ka-24, uThokozani “Somnandi” Langa, ithi ayikuphuphi ngisho ilele ukuyeka umculo.
USomnandi ukhiphe i-albhamu ethi Iqatha Eliziqobayo enezingoma ezingu-16. Useqophe ama-albhamu awu-24 iminyaka ilandelana kusuka ngo-2008.
Uthe yize esekhiphe ama-albhamu amaningi kangaka kodwa uthando lomculo lulokhu lumgqugquzela ukuthi aqhubeke.
“Uthando lomculo lukhulu kakhulu futhi abantu bayawuthanda umsebenzi wami. Bheka Upopayi (i-albhamu yakhe edlule) iphethe iSama (South African Music Awards) lapho inqobe indondo, yeBest Maskandi Album nonyaka. Uma ngisaphila nje nabadala besangibhekile angisoze ngama. Akunampesheni lapha. Le nto ingiphilisa emoyeni nasemzimbeni uma ngiyenza,” kusho uSomnandi.
Echaza nge-albhamu yakhe uthe ixoxa indaba njengenjwayelo ngoba ithinta izihloko ezahlukene.
“Izingoma zibhaliwe njengenjwayelo ngoba siyohlale siwuhlonipha umsebenzi. Istudyo akuyona indawo yokudlala. Uma uNkulunkulu nabadala besakunike amandla okungena, kumele abantu ungabadlisi uphoyizeni kepha ubanike okuyikho,” kuchaza uSomnandi.
Phakathi kwezihloko akhuluma ngazo kukhona isigameko esavela ezinkundleni zokuxhumana lapho, amaphoyisa ayebonakala echitha ukudla notshwala emcimbini.
“Ngabona inkolo yethu ibukeleka phansi ekubeni umbuso uphethwe abantu abamnyama hhayi abelungu. Ukube ngabelungu bengiyothula ngoba abayazi inkolo yethu.”
Uthe kukhona izingoma ezikhuluma ngothando, neyeCovid-19 ethi “mkhuhlane muni wona lo ngathi kukhona esifihlelwa khona kodwa abantu abalandele yonke imigomo kahulumeni”, ezikhuza ukuhlukunyezwa kwabesifazane, abesilisa abaphika izingane nezinye.