UMCULI wokholo waseBathenjini, eMsinga, uBuhle Nhlangulela, uthole ingqayizivele yethuba lokuyonandisa eLesotho, ekupheleni kwenyanga.
UBuhle wodumo lwezingoma ethi Wangithath' UJesu, nethi Ekuxakekeni, uthe kuzobe kungokokuqala ukuyonandisa kwelinye izwe, selokhu azimela.
Uphawule kanje ngohambo: "Njengoba iNingizimu Afrika, yazi ukuthi ngisebenze cishe nazo zonke izinkunzi zabaculi bokholo, engibala kubo uRebecca Malope, Mafikizolo, Sipho Makhabane, Lundi, Sifiso Ncwane nabanye. Lokho kusho ukuthi ngizobe ngingaqali ukuphumela emazweni angaphandle anjengoFrance, Japan, Zimbabwe nakwamanye."
Nakuba kunjalo kodwa uthe kungokokuqala emenywe qekelele njengoBuhle Nhlangulela, futhi efakwe nasesikhangisweni somcimbi iWorship Experience ozoba ngo-Ephreli 30, eVictory Hall, eMaseru.
UBuhle uzoshiyelana inkundla noSipho Ngwenya, Thabiso Moloi, Rorisang Motsamai, Andiswa Mbantsa, Mookho Moqhali, Rithah Motseare, Thembisile Kapteni nabanye.
Uthe okumnandi wukuthi uzongena ngaphambi kukaSipho, ozobe ebambe izihlwele. Kwenzeka lokhu nje, uBuhle usanda kukhipha umucu oshisa izikhotha kulezi zinsuku osihloko sithi Umoya Wami Uyakudumisa kanti udayisa okwamagwinya ashisayo kuma-iTunes futhi ukwiTop 10 yezingoma ezithengwa ubuthaphuthaphu.
Echaza ngokuqamba le ngoma uthe wahlala phansi wacabanga ngeculo elingajabulisa abantu kulezi zinsuku ezingezinhle kuleli. Uthe wabonisana nabantu, maqede waqhamuka nonqambothi. "Ngabona nesikhala esesivulekile emculweni wokholo oshaywe ngesigqi sesintu, ngabuya ngayo ngqo. Emuva kweminyaka emibili ngingakhiphi ngoma, ngijabule kakhulu ngaleli culo. Ngiyacela abantu baqhubeke nokulithenga ukuze siqophe umlando."
UBuhle unxuse oMasipala uMsinga noMzinyathi ukuba babeseke ngokumqasha emicimbini yabo. "Nathi sike sificwe yizikhathi ezinzima, sifise ukuyocasha ngasemakhaya kodwa kungabilula ngoba sisuke sazi ukuthi asizoqashwa, kunalokho kuzolandwa abaculi bakude. Ngiyafisa ukuqashwa noma kathathu onyakeni ngakithi," kukhonda uBuhle.
Lo mculi useke waqokwa kumaSABC Crown Gospel Awards nakwi-Independent National Gospel Music Awards (Ingoma).