UMCULI we-afro pop u-Aubrey Qwana ubhoboke ngobunzima abhekene nabo emculweni
Image: FACEBOOK/AUBREY QWANA
UMCULI we-afro pop wodumo lwengoma ethi Molo Mhlobo Wami, u-Abrey Qwana usezwakalise ukhathazeka ngesimo sokungahambi kahle kwezinto emculweni wakhe, adalule ukuthi kuyamkhathaza ngoba kuqhubeka kuyenzeka esikhathini nasesigabeni lapho ngokwakhe ezibona enza umculo okufanele ngabe usumbeka kwelinye izinga endimeni.
U-Aubrey (32) wasoLundi, enyakatho yaKwaZulu-Natal, ubhoboke ngalokhu embhalweni awufake ekhasini lakhe leFacebook ngempelasonto, lapho edalule khona ukuthi uyazibuza, aziphendule ukuthi kungani umculo wakhe 'wezinga eliphezulu' ungachumi ngendlela afisa ngayo.
Uthe: "Kungani kuthi ngikhipha umculo wezinga eliphezulu futhi othinta abantu abaningi kepha kube sengathi angikhiphanga nhlobo? Noma mhlawumbe nami kumele ngishintshe, ngizenze umuntu engingasiyena, ngiyeke ukuzehlisa nokuba mnene ngoba phela ngathi yilokho okubukeka sengathi abantu bathanda ukuthi ube yikhona ukuze bakunake?"
Eqhuba, ubhale wathi ukholelwa ekutheni umculo kumele kube yiwona ozikhulumelayo, into abona ingenzeki ngomculo awukhiphayo - okwenza ukuthi akhathazeke ngokuthi akuchumeki ngendlela afisa ngayo.
UMCULI we-afro pop u-Aubrey Qwana ubhoboke ngobunzima abhekene nabo emculweni
Image: FACEBOOK/AUBREY QWANA
"Bengithi ngizothula kodwa sengikhathele ukufela ngaphakathi. Angazi noma kukhona ongivalelayo yini amathuba ngandlela thize, kodwa uma kuwukuthi nibona ukuthi angikafiki ezingeni elingifanele, ngicela nisho ingoma yami eyodwa engashayi khona uma niyilalele. Ngiyazi ukuthi abantu bayakuzonda uma uzikhulumela, kodwa azilime ziye etsheni," kusho u-Aubrey.
Leli ciko lafike lagaleleka emculweni nge-albamu yalo yokuqala yango-2020 esihloko sithi Imvula Mlomo; elishaya ngamanoni athi Molo nelithi UKiss. Ngo-2023 libuye nge-albhamu yesibili eyaduma ngezingoma ezithi Ngibambe, Inyoka nethi eGalile. Ngenyanga edlule likhiphe ingoma ethi Ivaka, eliyishaya noMnqobi Yazo no-Imac Soul.