ISILOMO sikasaziwayo uKhanyi Mbau uzophatha uhlelo emcimbini kaDkt Rebecca Malope njengoba le ndlovukazi yomculo wokholo isithatha umhlalaphansi emculweni

UMLINGISI ophinde abe ngumethuli wezinhlelo, uKhanyi Mbau uzobe ephethe uhlelo emcimbini wokubungaza i-albhamu yesi-36, engeyokugcina yendlovukazi yomculi wowokholo uRebecca Malope.

Lo mcimbi obhekwe ngabomvu uzobanjelwa eCity Hall, eThekwini ngoSepthembea 27.

Ekhuluma neSolezwe ngeSonto uKhanyi uthe uvumele phezulu ngesikhathi inhlangano iMind Empower Youth Organization esiza abafundi abaswele ngokubambisana noRebecca, imcela ukuthi abe yingxenye yalo mcimbi wokubungaza uRebecca njengoba esethi khumu emculweni.

UKhanyi odlala indawo kaDinekile kuZalo, uthe abantu abaningi kabazi ukuthi uyikholwa nokuthi uxhumene kakhulu noNkulunkulu.

“NgingumKrestu, ngikhulele emndenini wamaKrestu. Abantu bazobona olunye uhlangothi abangalwazi ngami kulo mcimbi.

“Bazobona ukuthi ngiyazana noNkulunkulu. Umculo wokholo nokamama uRebecca sikhule ngawo umama ewudlala uma ematasa nomsebenzi wasekhaya,” kusho uKhanyi.

Uthe uma engaxiniwe umsebenzi ngeSonto ukhonza ebandleni iRivers, eSandton.

Abantu abambona ebumnandini bamahlulele uthe mabangaphiki naye usuke eqhuba umsebenzi kuphela, uyazana noThixo.

Kulo mcimbi uthe uzobe enikela ngesikhathi sakhe ngenhloso yokubonga abantu baseThekwini ngokumeseka kuyo yonke le minyaka.

“Ngiyalithanda iTheku, abantu bakhona bayangithanda, bahlale bengiseka.

Abalandeli bami abaningi abaseThekwini. Bangiseka ngisadlala uDoobsie namanje basangeseka njengoba sengikuZalo.

“Ngimningi eThekwini kulezi zinsuku njengoba ngiqhubeka nokuqopha kuZalo,” kusho uKhanyi.

Uthe uzizwa ebusisekile ngokuba yingxenye yalo mcimbi wokubungaza iqhawe elibe neqhaza elikhulu emculweni wokholo.

Iculo likaRebecca alithandayo uthe yileli elithi, Angingedwa.

Leli culo uthe liyamduduza uma ebhekene nezimo ezinzima ngoba liyamkhumbuza ukuthi uJesu uhlale ekhona.

Njalo uma elidlala uthi kuvele kuhlengezele izinyembezi akhumbule zonke izinto uNkulunkulu amenzele zona.

Ubonge uRebecca ngokubakhuthaza enkolweni nokuba ngumama oqotho ababukela kuye nobathandazelayo ngezikhathi zonke.

Umncome nangokuma eZwini leNkosi kuyo yonke le minyaka, wathi umfisela okuhle kodwa njengoba esethatha umhlalaphansi.

Abalandeli bakhe uthe bazophinde bambone maduze kuthelevishini njengoba enezinhlelo ezimbili aziqopha neMTV Base kodwa angeke akwazi ukuzidalula okwamanje.