LUSANDA KHUMALO

UYAQONGA umsindo phakathi kwabaculi bakamaskandi ababanga igidangoma uLusanda Khumalo, eliyindodana kaMgqumeni owayedume ngokuthi Ibhova likaDikadika, ongasekho. Umthombo weSolezwe ngeSonto ulipotshozele ukuthi, Igcokama Elisha lisemkhankasweni wokuhlwitha lo mfana ogidela uJaiva Zimnike.

Kuthiwa iGcokama lifuna uLusanda ngenhloso yokuqinisa iqembu lalo elisha elibizwa ngoMacekeceke.

IGcokama livele selaphumela obala lathi lizoqoqa bonke ababesebenza noMgqumeni bezosebenza nalo. Liqale ngegidangoma okuthiwa uChillies lamthenga ngoR30 000, kumanje ugidela lona. Kuthiwa Igcokama lisezingxoxweni ezisesicongweni noLusanda ukuze azogidela lona.

Igcokama lithintwa ngalolu daba lithe alifuni ukuyikhulumela eziko okwamanje kodwa ikhona imizamo enjalo.

“Ukhona umuntu osondelene kakhulu nebhova (uMgqumeni) engifuna ukuvuka ngaye. Angifuni ukuyikhulumela eziko ngoba ngisematasa nabafana bami, oMacekeceke abasanda kukhipha umsebenzi wabo. Le ndaba izosuke idunge abantu,’’ kuchaza Igcokama.

UJaiva Zimnike osebenza nendodana kaMgqumeni, ubhoke ngolaka ethi lolu daba lumcasula kabi, uyalwazi kodwa akaze athintwe ngalo.

“Lo muntu uqale wabhala ezinkundleni zokuxhumana ethi uzolanda uLusanda futhi nabantu bayangibuza ngakho. Ngeke amthole lo mfana, unekusasa eliqhakazile lapha kithi. Ngifuna anake isikole, uma eqeda lapho bese ngimfaka e-studio enze into yamehlo,’’ kusho uJaiva Zimnike. Uthe kuvele kuthi azisakaze phansi uma Igcokama likhuluma ngoMgqumeni ngoma alikaze lihlangane naye esaphila.

Uthe Igcokama liyagagamela futhi lizoziqhatha naye uLusanda ngoba uma eke wezwa le ndaba uzocasuka.

Awuqali umbango ngendodana kaMgqumeni njengoba sewake wasebenza neqembu Osaziwayo kodwa abakubo nabo abaculayo Abafana bakaMgqumeni bengayizwa kahle leyo.

Ilungu laBafana bakaMgqumeni uNdlemnyama Mseleku , uthe abasalinaki Igcokama ngoba liyathanda ukubukwa ngezinto zikaMgqumeni.