NOKUBONGWA PHENYANE
ULOKHU eqhubekile nokuwola izindondo emcimbini yasemazweni aphesheya kwezilwandle nawase-Afrika umculi waseLimpopo, uMaster KG okuthe ngeSonto ebusuku wahlabana ngezindondo ezine kuma-African Muzik Magazine Awards (Afrimma).
Umcimbi, obusakazwa bukhoma kwiYouTube, udonse amehlo abantu abaningi base-Afrika abebebheke ukuthi ngobani abazodla umhlanganiso.
UMaster KG uhambe nezindondo ezibalulekile okukhona kuzo eye-Artist of The Year, Song of The Year, Best Male Southern Africa neyeBest Collaboration apike kuyo uBurna Boy waseNigeria.
Ekhuluma ngokuwina kwakhe uMaster KG uthe u-2020 kube wunyaka omuhle kuye okwenzeke kuwo izinto akade engazilindele.
“Ngiyathemba umhlaba wonke uyaqhubeka nokubuka abaculi baseSouth Africa ukuthi banekhono kanjani. Ngizizwa ngithobekile kakhulu ukuhlabana. Ngiyaziqhenya kakhulu ngokuqala phansi ingoma ethi Jerusalema ngokubambisana noNomcebo noBurna Boy njengoba yenze okuhle kodwa. Ngiyabonga kakhulu nakubo. Ngibonga nakuwona wonke umuntu emazweni omhlaba ahlukene othole ukujatshuliswa yile ngoma,” kusho uMaster KG.
Uthe nenkampani asebenze nayo, i-Open Mic Productions, yenze umsebenzi omuhle engomeni.
Umcimbi ubuphethwe Tashara Parker, e-USA.
UMaster KG akagcinanga nje ngokuwola izindondo kodwa ubuye wanandisa ngayo ingoma yakhe ethi Jerusalema.
Phakathi kwabanye abaculi bakuleli abahlabane kubalwa uSho Madjozi, othole indondo yeBest Female Southern Africa, Nasty C, othole indondo yeBest Male Rap Act, noKabza Da Small, yena ohlabane ngendondo yeProducer of the Year.
UMASTER KG uphinde wahlabana ngezinye izindondo emcimbini ama-Afrimma akade engeSonto ebusuku. Uthole izindondo evele esanda kuhlabana ngenye indondo emcimbini ama-EMMA’s e-Europe Isithombe: TWITTER