INTOKAZI engumethuli wezinhlelo zethelevishini waseGermany kodwa esizakhele udumo kuleli ngokucula umaskandi, uKarin "Jaivakazi" Kedem, usola isihlabani somculo kamaskandi, uKhangelani "DSD" Mhlongo, ngokuyiqabula kungavunyelwene.
UKarin, osanda kuqopha ingoma nomaskanda uMzo "Jaiva Zimnike" Khanyeza ethi Sibuyile, uthe isigameko simehlele ekwiMzansi Maskandi Experience, eKagiso Stadium, eGauteng, ngoMgqibelo owedlule.
UKarin uthe ubehambe noJaiva ngenhloso yokuyonandisa emcimbini kodwa kwagcina sekungasenzekanga ngenxa yokuthi bebengazilungiselelanga.
"Sithe uma singena lapho kupaka khona izimoto, sapaka. Ngibe sengiphumela ngaphandle kwemoto kanti kuzoqhamuka enye imoto ingidlule."
Uthe bekuhleli phakathi uDSD, othe engabona uKarin wamphakamisela isandla maqede wanxusa umshayeli ukuba amise imoto.
"Esemile umshayeli, (uDSD) ugxumele ngaphandle maqede wamemeza wathi 'Karin! Karin! Kufanele ngikuqabule! Kufanele ngikuqabule.' Ngithe kuye 'Cha! Cha! Cha! I-Corona'... ngisho into efuze leyo," kusho uKarin.
Uthe akanabudlelwano noDSD futhi ubengamazi nokuthi ungubani.
"Yonke into yenzeke ngokuphazima kweso. Usondele kimi, wangigaxa maqede wangithi 'Mncwa, ngawuthola u-kiss wami.' Kunothize obeshutha. Yingakho ubona ubuso bami bunjeya esithombeni."
Uthe usizwe ukujikisa ikhanda ngesikhathi uDSD emxina ngo-kiss. "Bengingeke ngivume angiqabule okwangempela."
Ebuzwa ngalezi zinsolo, uDSD uvumile ukuthi umzwile uKarin encokola ngeCorona kodwa ucelile ukumqabula. Uthe okumenze wamqabula ukuthi usuke weqiwa yinjabulo ngesikhathi embona ehamba nelinye iciko.
"Ngijwayele ukuzwa ngaye ukuthi ungumuntu wolunye uhlanga kodwa osebenzisana nomaskandi, okuyinto engajwayelekile," kusho uDSD, oqabule uKarin maqede wazibongela kanje kwiFacebook:
“USkhaba asijikijelwa, ukube siyajikijelwa ngabe sesibaqedile abafazi babelungu eCarlton Centre.”
Le ntokazi eshadile ithe azikho izinyathelo ezozithatha ngoba uDSD ubebukeka ephuzile kanti nalesi sigameko sigcine sesiphenduka ihlaya nakubantu abebebukela.
"Khona kuyinjabulo nakimi uma kukhona abathokozela ukungibona."UKarin akukhona okokuqala enza ingoma noJaiva, kodwa sebeke benza ethi Wathi Uyosebenza nethi Now or Never.
Kulezi zingoma, uJaiva usuke ehlabelela ngesiZulu bese uKarin ethaka ulimi lwesiJalimane nolwesiNgisi.
UJaiva noDSD yizinsizwa ezaphekwa wuMgqumeni Khumalo ngaphambi kokusebenza ndawonye kuMagcokama engasekho uMgqumeni kodwa zaphuma ngesamagundane.
Zabe sezisungula iqembu lazo, Ukungaboni ngaso linye kwenza inhloko nesixhanti yahlukana phakathi kukaDSD noJaiva.
U-DSD waqhubeka noSaziwayo kwathi uJaiva wasungila iqembu elisha, Ama-AK 47.