ISIHLABANI somculo kamaskandi, uScebi "Inkosi Yamagcokama" Dlamini, sithembisa lukhulu emcimbini waso wokugubha iminyaka ewu-10 kule ndima namhlanje kusukela ngo-7 ebusuku, ePlayhouse Opera Theatre, eThekwini.
Inkosi Yamagcokama, esike yahlabana ngeBest Maskandi award kumaSouth African Traditional Music Achievement (Satma) Awards ngo-2023, ithe izoqhulula wonke amanoni ayo. Ezingomeni ezilindelekile kubalwa ethi Kuyehlukana, Kuyazenzekalela nethi Akuhlukaneki.
"Ngizodlala izingoma kusukela ezingomeni ezindala ngisaqala ukucula kuze kube yimanje. Wonke amanoni athandwa ngabantu ngizobe ngiwadlala."
Uthe abazohambela umcimbi bazobuye bathole ingqayizivele yethuba lokumbona ecula bukhoma ezinye zezingoma ezihamba phambili kwicwecwe lakhe elisha elisihloko sithi Silent Treatment.
Lo mculi, oyintandokazi nakubaculi bezinye izinhlobo, uthe kuzobe kuculwa bukhoma kulo mcimbi, ayikho ingoma ezodlalwa nge-USB. Phakathi kwabaculi azobe eshiyelana nabo inkundla kubalwa uSjava, uMdumazi, uNtencane, uNatasha K, uSminofu, Ithwasa Lekhansela, uMusiholiq, uQhawelisha, uNolly M, uLabelihle, uThisha Wamagcokama noSne Ntuli. Esephetha lo maskanda uthe kunezimpahla ezikhuluma ngalo mcimbi ezizobe zidayiswa ngamanani aphansi.
Amathikithi asatholakala eWebtickets nasezitolo zakwaPick n Pay ngoR200, R250 nangoR300.