Ezokungcebeleka Umculo

Ulozolo lukamaskandi nombhaqanga

Charles Khuzwayo|Published

Ezeveleta

Image: FACEBOOK

ISIHLOKO: Dilika Ntaba

UMCULI: EzeVeleta

UHLOBO: Maskandi/Mbhaqanga

UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO

 EZEVELETA yiqembu elakhiwe yisihlabani somculo kamaskandi uPhumlani "Imfezemnyama" Khumalo waseNquthu, nenkakha yombhaqanga uNqobani Dube waKwaMaphumulo. Ngaleli qembu lezi zinsizwa zithulele isigqoko usomabhizinisi waseMnambithi obambe elikhulu iqhaza emculweni wesintu, uVelanto Thwala. Yingakho zizibiza ngeZeVeleta, okuyisiteketiso sikaThwala.

Nakuba kunjalo, ukube bekungathiwa angiphakamise igama bengingathi Abafana BakaThwala noma BakaVelanto. Akusenani. UNqobani NeMfezemnyama baqala ukucula ngokuhlanganyela kusukela ngo-2012. Okungichaze kakhulu ngabo ukukwazi ukuhlanganisa ushuni kamaskandi nowombhaqanga kwabe sekuphuma ulozolo lodwa. Imfezemnyama yaziwa kakhulu kumaskandi izibiza nangaMabunjwa. UNqobani uyena ogila izimanga eqenjini lombhaqanga Ofeleba. Vele ngiwumlandeli woFeleba kusukela ngezikhathi kusekhona Indod'engaziwa nezoMduduzi Mlangeni.

NeMfezemnyama ngaqala ukuyilandela kusukela ngezikhathi zoJezabel. Yingakho le-albhamu ingihlabe umxhwele. Ziyazwakala izingoma eziholwa wuNqobani neziholwa wuPhumlani. Izingoma ezingichaze kakhulu ngezithi Sebekhohliwe, Indoda Must, Bavumingoma, Isiqalo Sempilo (Rebound), Dilika Ntaba, Inganono noMalambane. Ungihlekisile uNqobani ngengoma ethi MaThabekhulu. Kuyacaca uzidlisa satshanyana kumsakazi woKhozi FM, uBingelela Mpanza. Angithule kungaze kuthiwe sengithe. Engingakusho nje ukuthi uma uwuthanda ushuni weMfezemnyama naMabunjwa nowoFeleba, noma kanjani uzobhema ukholwe ngale albhamu.