"NGEKE sonke senze uhlobo olulodwa lomculo. Kumele kube khona abazoba nomgogodla kulolo hlobo lomculo, abakhethe ukuzazisa ngawo.”
Lawa ngamazwi kaKO, ogama lakhe langempela nguNtokozo Mdluli, owaduma eqenjini le-hip hop eselahlukana, iTeargas. Ubechaza isizathu sokuqhubeka acule i-hip hop yize sekungenise amapiano.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe ngeSonto uthe lonke uhlobo lomculo lunesikhathi oludla ubhedu ngaso, lokho akuchazi ukuthi bonke abaculi mabagxile kulona.
“Iqiniso wukuthi amapiano angenisile futhi lesi sizathu senza ingoma yami i-Emoyeni, ibe naso isigqi samapiano kodwa akusho ukuthi i-albhamu yonke isizoba ngeyamapiano,” usho kanje.
Ingoma akhuluma ngayo ethi, Emoyeni, ithandwa ngabaningi. Echaza ngayo uthe iyingoma esamthandazo wabantu abazizamelayo futhi imthinta inhliziyo yakhe.
“Ngisuke nginxusa uNkulunkulu ukuthi angigcine ngoba kuningi engisazimisele ukukufeza, njengoba indima ye-hip hop ibhekene nefu elimnyama lokushiywa yizinkakha zayo. Ngale ngoma ngifuna ukukhumbuza abantu ukuthi noma kunzima, akufanele sibuswe wukwesaba kodwa kumele sihlale ngokujabulela impilo,” kusho uKO.
Uthe i-albhamu yakhe okulindeleke ayikhiphe maduze, iSkhanda Republic 3 (SR3), izohlanganisa lonke uhlobo lwabaculi kanti usebenzisane nabaculi abasha abasayine ngaphansi kwesitebela sakhe, nabasemazweni aphesheya naseAfrika yonkana.
Lo mculi oneminyaka engu-15 esendimeni yomculo, usenolayini wezingubo iSkhanda World ezitholakala ezitolo zakwaStudio 88 futhi kade ekhipha ulayini omusha wobusika ngoLwesihlanu.
“Kungisizile ukuba namabhizinisi eceleni ngesikhathi seCovid-19 ngoba akuzwelanga kangako yize amaciko amaningi eshayekile ngokuvalwa kwemicimbi, okuyiyona esingenisela imali.”