UMSAKAZI woKhozi FM ophinde abe nguDJ wasezindaweni zobumnandi, uKing Sfiso, uthi kuqondanile ukuthi ethi esehlele ukukhipha ingoma ehlonipha Isilo samaBandla, sivele sikhothame.
UKing Sfiso ngoLwesihlanu, ukhiphe i-Extended Play, enezingoma ezintathu ethi Not In My Name.
Kuyona kukhona ingoma ebizwa ngeSilo samaBandla apike kuyo uDrega.
"Ngeke ukholwe ukuthi ingoma eyango-2019. Sasihlele ukuthi siyikhiphe ngonyaka odlule kodwa ngenxa yomvalelandlini yagcina ingaphumanga," kusho uKing Sfiso.
"Isilo sikhothame sengivele ngiluhlelile usuku ezophuma ngalo. Isizathu esenza ngingakaze ngikhulume ngayo le ngoma nokuyiphusha ingoba angifuni kube ngathi ngisizakala ngokukhothama kwaso. Ngike ngakucabanga kodwa ngabona ukuthi abantu bazosho ukuthi "awubuke leli thatha."
Uthe umqondo wokuhlonipha Ongangezwe Lakhe waqhamuka emuva kokuzwa uBlack Coffee edlala izibongo zakhe uma edijeya.
"Sasifuna ukuthola enye inyosi ukuthi izozisho engomeni kodwa sagcina singayitholanga," kusho yena.
UKing Sfiso owethula uhlelo iBhampa 2 Bhampa neChillas, uthe ubefuna ukukhipha i-albhamu kodwa ucwaningo lwakhe lwaveza ukuthi isikhathi asivumi.
Uthe ngonyaka odlule ukhiphe ingoma ethi Maqondana noDJ Vitoto noSkyewanda, eyenza kahle ngokudlalwa emsakazweni kodwa yasheshe yaphupha.
"Ingoma yenza kahle izinyanga ezimbili bese iyacwila. Ukuphusheka kahle komculo kuncika ekutheni uyaya yini kubantu. Uma uthembele emsakazweni nakuthelevishini kuyashesha ukuphela. Ingoma sasihlola ngayo ukuthi kuyenzeka yini, sabona ukuthi akwenzeki, yingakho ngikhiphe i-EP ukuze ngizokwenza abantu bangangikhohlwa."
I-EP yakhe itholakala ezitolo zomculo okubalwa kuzo i-iTunes, Traxsource nezinye.