ISILOMO somculi kamaskandi uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose siphose itshe esivivaneni kwabesifazane ngokusayinisa intokazi engumculi ngaphansi kwenkampani yalo Indlamlenze Group and Production (IGP).
UKhuzani wethule lo mculi uSiphesihle Zulu (23) odabuka KwaMthethwa, eNtuthunga, eMpangeni.
UKhuzani echaza ngesinqumo sokusayinisa uSiphesihle, uthe kuwumzamo wakhe wokufukula abesifazane njengoba kuyinyanga yabo.
“Ngiwumuntu obukhali kakhulu ekuboneni ithalente yingakho ngisayinise leli ciko. Ngibone kufanele ngifukule abanye abantu ngoba nami lapho engikhona kungenxa yabantu. Abesifazane akufanele sibabuke njengabantu bokuhlukunyezwa ngoba sisemhlabeni ngenxa yabo,’’ kuchaza uKhuzani.
USiphesihle uthe ukujabula kwakhe kuhambisana nokwethuka ngoba uyakuthanda ukucula kodwa udumo uyalwesaba.
Echaza ngokuhlangana kwakhe noKhuzani , uthe wayeyolekelela uCevuzile eyocula kuKhozi FM ohlelweni uSigiya Ngengoma. Useke wacula engomeni kaKhuzani ethi uTsotsi.
“UKhuzani wacela ukuthi uTshatsha athathe inombolo yami. Saxhumana noKhuzani ngaleso sikhathi,’’ kuchaza uSiphesihle.