UMCULI wokholo ovelele kuleli, uRebecca Malope, ubhale ezinkundleni zokuxhumana ngobuhlungu abuzwile ethukwa ngumphathi nomyeni womculi uBucy Radebe.
“Ngiphatheke kabi, angikaze ngilindele ukungahlonishwa ngendlela okwenzeke ngayo izolo ebusuku. Bengicabanga ukuthi namuhla ekuseni ngizobe ngingcono, kodwa angigcono,” kusho yena kwiTwitter.
Yize enganabanga ngokuthi yini emkhube umoya, kodwa uqhubeke wacela iNingizimu Afrika ukuba imkhulekele ukuze kuphole inhliziyo yakhe.
Ngokwemibiko evelayo, le ntandokazi yabaningi “ithukwe” wuThapelo Thoboke ngaphambi kokuba inandise emcimbini wokuqopha umculo kaBucy lapho bekumenywe khona abaculi abafana noVusi Nova nabanye.
UThoboke ukhiphe isitatimende ecacisa ngokwenzekile.
Ngokwesitatimende, uThoboke uchaze lesi simo njengokungaboni ngaso linye okwenzeke phakathi kwakhe nomphathi kaMalope eSun City Superbowl, ngoMgqibelo, ngo-Ephreli 30, 2022.
Uthe wakhuluma nabaphathi babaculi abathathu lapho ayebatshela khona ngombono wakhe ngezingoma ezizokwenziwa nokuthi uBucy uzobe egqoke kanjani lapho azobe ecula khona nalaba abanye.
Uthe isimo esingesihle senzeka ngesikhathi exhumana nomphathi kaMalope ngoba ebona ushintsho eculweni nokuyinto ayengatshelwanga ngayo.
“Ngatshela umphathi kaMalope ukuthi uma iculo lingenziwa ngokwezinhlelo zethu, kuzolahla zonke izinhloso zokumhlonipha futhi singathatha isinqumo sokungalikhiphi ngoba sizobe sichitha isikhathi ngokulihlela kahle,” kusho yena.
Uthe ngemuva kwalokho, ihhovisi likaMalope lixhumane nabo libazisa ukuthi abasaqhubeki nokuba yingxenye yaleli culo.
Uthe yena noBucy bangabalandeli abakhulu bakaMalope futhi uBucy ubebukela kakhulu kuye njengomculi osafufusa. Uqhubeke wathi kumzwisa ubuhlungu ukuthi kubonakale sengathi abamphathanga kahle futhi bamthukile.