UKHWELE wadilika kubahleli bamaSouth African Music Awards umrepha ekhasini lakhe kwiTwitter, ekhala ngenkohlakalo nokubukeleka phansi kwamaciko akuleli.
UCasper Nyovest onameke imiyalezo ebiveza ukukhathazeka kwakhe ngalama - award, ubhale ephindelela egxeka indlela aqhutshwa ngayo, wathi asephelelwe yisasasa.
Ephawula kuTwitter lo mrepha uthe:“Ukhona umuntu osakhumbula ukuthi ngubani owanqoba kumaSAMA ngonyaka odlule? Lama- award ayengamanye ayevelele ebaluleke kakhulu kumaciko njengoba engasasho lutho kuwo (amaciko). Uyafuna ukwazi isizathu salokho? Yingenxa yenkohlakalo, bacabanga ukuthi bagcono ngaphezu kwamaciko. Bakhethe ukuzehlukanisa nomsebenzi wamaciko. Kugcwele inkohlakalo kuwo. Afile!
UCasper uqhubekile watalabha abahleli balama award, ethi umkhuba abawenzayo awuzoba nomphumela omuhle ngokuhamba kwesikhathi.
Uthe kumele babe neqiniso uma bengafuni konakale izinto.
Lo mculi ubhala lokhu nje ekhasini lakhe, amaSAMA’ asezinhlelweni zokuqoqa amaciko angenela lo mncintiswano waminyaka yonke.
Amaciko asalelwe yizinsuku ezine zokufaka izicelo zokungenela kumaSAMA njengoba kuvalwa ngoJanuwari 31.
Kulo nyaka kufakwe iminxa emisha okubalwa kuyo oweBest Amapiano Album, Best Gqom Album noweBest Kwaito Album.
UMnuz Lesley Mofokeng okhulumela amaSAMA, uthe inqubomgomo yamaSAMA eyabekwa ngesikhathi esungulwa, wukuthi aqhakambise umculo waseNingizimu Afrika.
“Eminyakeni emine eyedlule siqhubekile nokubona zinyuka izibalo zamaciko angenela umncintiswano wamaSAMA okwenza sibone ukuthi ayakuthakasela ukuba khona kwalama award. Ngesikhathi senza amaSAMA osekuphela iminyaka engu-23 siwahlela, kwangenela amaciko angu-740, ngonyaka olandelayo sathola izicelo zamaciko angu-778. Kuthe uma sesihlela aweminyaka engu-25 sathola izicelo ezingu-752, kwathi ngonyaka odlule sathola izicelo ezingu-802. Sihlela aweminyaka engu-27 manje . Izibalo zawabangenelayo singaqinisekisa ukuthi zisahamba kahle kakhulu,” kubeka yena.
Eqhuba uthe indlela okuhlungwa ngayo amaciko iyabasebenzela futhi inokuthembeka.
Uthe amajaji ayawazi umsebenzi wawo futhi awavezwa nhlobo uma enza umsebenzi wokujaja.