ISIHLOKO: TVOA (The Voice of Africa)
UMCULI: Kelly Khumalo
UHLOBO: Afro/Soul neGospel
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
NGALELI cwecwe elisha uKelly Khumalo ukhombisile ukuthi usengumculi ophelele nosevuthiwe kule ndima.
Kungekudala uzobalwa nezingqungqulu ezishaya amaphiko kuleli nase-Afrika jikelele.
Okwenza lokho ukuthi uKelly usebenze nomdidiyeli ohlome ngolwazi namava endimeni yomculo, uMondli Ngcobo.
Ukuqhamuka nesigqi esithakwe nezinhlobo zomculo wasemazweni asentshonalanga nempumalanga ye-Afrika, kwenze umculo kaKelly wafinyelela ezingeni elicokeme.
Yize ehlabelela ngolimi lwesiZulu nangesiNgisi kodwa ngokwesigqi ngizibone ngiguduza i-Afrika jikelele.
Kunezingoma okungathi uzozwa iphimbo likaKarun noFena Gutu baseKenya noma uRema waseNigeria ngenxa yezigqi zomculo wakula mazwe.
Ziyisishiyagalombili izingoma eziqukethwe kuleli cwecwe.
Uma uKelly engagxila kulesi sigqi, ngeke ngimangale eminyakeni eyishumi uma igama lakhe selikleliswa eduze kwawo-Angelique Kidjo, Yvonne Chaka Chaka, Yemi Alade noBrenda Fassie.
Engikuphawulile ukuthi uKelly ubizelwe emculweni wokholo. Ngaqala ukukuqaphela lokho ngesikhathi ecula ingoma kaMthunzi Namba eyayithi UyiNkosi Yamakhosi kwiGospel In Me Vol. 3. NakwiThe Voice of Africa uKelly uqhubekile nokusixhumanisa noNkulunkulu ngengoma ethi Nok’ khanya nethi Esphambanweni (apike kuyo uHlengiwe Mhlaba). Njengomuntu wesifazane olwaziyo usizi uthe akayikhulumele imbokodo ngengoma ethi Kuyenyukela.
Eculweni elithi Undithatha Kancinci, uyezwa ukuthi lo mculi wayefuna ukukhipha okusesifubeni sakhe futhi okungamphethe kahle. Singichazile isigqi nekhorasi yengoma ethi Awazi Lutho kodwa bekudingeka izinhlamvu zeculo lokholo.
Uma wazi ubunzima aphuma kubo uKelly ngenxa yothando, uzovumelana nomyalezo oqukethwe yile ngoma. Enye ingoma engihlabe umxhwele ngeyothando kodwa eshaywe ngesigqi se-house ethi Loshona Nini.
Yona uyihlabelela ngokuhlanganyela noMondli ethi Loshona Nini. Uma uthanda umculo we-Afro pop/soul othakwe ngesigqi somculo wasemazweni asenhla ne-Afrika nezinhlamvu zomculo wokholo, nomakanjani uzolithakasela lolunqambothi lwe-albhamu.