Mbali Khanyile
UMCULI we-Afrosoul, uKelly Khumalo ukhiphe ingoma yomculo wokholo ayicula ngokuhlanganyela noHlengiwe Mhlaba esihloko esithi Esiphambanweni.
UKelly onohlelo olukhuluma ngempilo yakhe, iLife With Kelly olukhonjiswa kwiDStv nakwiShowmax njalo ngoLwesine, uthe ingoma acula ngokuhlanganyela kuyo noHlengiwe ichaza ngobudlelwano anabo noNkulunkulu.
“Angikaze nangelilodwa ilanga ngiziphuphe ngicula nale ndlovukazi yomculo wokholo (uHlengiwe) njengoba sekwenzekile. Kodwa ngibonga uMdali ngokuthi angikhethele yena,” kubeka lo mculi.
Eqhuba uthe ufuna abantu bakhumbule njalo ukubonga uthando lukaNkulunkulu nokubaluleka kwesiphambano sakhe (uMdali) asithwala. Le ngoma isiyatholakala kuSpotify, Deeza nakwi-Apple Music.
Le ntokazi kulindeleke ukuthi ikhiphe i-albhamu ephelele esihloko esithi The Voice of Africa ngenyanga ezayo.